Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , uMashikizela ashiye impi yakhe ! UVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiluthinta luyahwaqabala , lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma!!#ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu .Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila. Nina beSilo le Nduku ibizwa ngokuthi “uNdlleleni” igama layo. IseMndenini wezimila ezaziwa ngama-Purslane plants okuwuMndeni obandakanya noShisizwe. Nina beSilo lena akuyona i-Asthma plant .
UNdleleni , noma uMgwaqeni:
Nina beSilo uNdleleni iNduku enhla kakhulu ekwelapheni izintwala zengulube , nokho ayinakiwe . Kule Nduku kuye kugxotshe sonke isithombo bese sikhuhlelwa noma sihlikihlelwa ngasezinweleni zangasese(izinza) okuyindawo ethandwa kakhulu izintwala zengulube. Abanye baye bayomise le Nduku bese beyayigaya ibe impuphu abayoyithela kwiSigcobo \Lotion bese bese begcoba khona ngasezinweleni, kugcotshwe impela naseMankwahleni nakuyona yonke nje indawo enezinwele. Le Nduku yinhle impela ezintwaleni zengulube kangokuthi iyakwazi ukugiya iyodwa vo ikakhulukazi uma zisezinstha izintwala zengulube . Iyangena futhi le Nduku kwezokuchathela, kwezokugqumela kanye nakwezokugeza izintwala zengulube. Impande yale Nduku iyangena kwezokwelapha izifo zocansi kanye nezifo ezishobingisa igazi , ezifana noBhelehaziya. Kwezocansi ingena kwezophuzwayo kanye nakwezicahthayo.
Khumu!
Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”
siyabonga Mntungwa,siyizangoma nje kodwa,kuningi esikuzuza kuwe,,,,unwele olude Mbulazi
Mahlobo