Nina bakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! Nina bakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! INkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!
Enhla nasezansi ngiyababingelela nina abeZulu eliphezulu. Nanso-ke isithombe somuthi uMvongothi. Ubuye ubizwe ngoMfongothi, ngesiLungu ubizwa nge-Sausage Tree . Kususelwa kulezithelo zawo ezilengayo, eziyizigumbaxa, ezibukeka njengenyama ebizwa ngokuthi yi-Sausage ngesiLungu. Ngizophawula ngengikwaziyo ngalo muthi, bese ngiphawula ngengike ngikuzwe ngalomuthi. Mayelana nengikwaziyo ,ngazi ukuthi lo muthi uvimbela uMphezulu ekhaya , ingakho abanye beye bawutshale nasemakhaya. Kanti lo muthi muhle futhi nasezilondeni kanye nasemanxebeni. Kuye kusebenze impande yawo lo muthi , kanye nazo lezi zithelo ezilengayo. Kuyangena ezimbizeni ezishisa izilonda ezingaphakathi. Kanti kuhle futhi nakwizilonda ezingaphandle. Kuye kugaywe impande nezithelo -ndawonye uma sekomile kwenziwe impuphu enanyekwa emanxebeni kanye nasezolondeni. *Izimpande zaleNduku zinhle kakhulu nasekucijeni uBhoko lweSisu kwazise zishisa izilonda ezingaphakathi kanye nezingaphandle . Izingxabu zale Nduku ziyakwazi nokugiya zizodwa lapho kwezokucija uBhoko lweSisu. Ziye zibiliswe, zibe yimbiza ephuzelwa ukuvusa nokuqinisa induku kowesilisa. **Ngike ngizwe kuthiwa izimpande zibuye zikhulise induku yowesilisa. Kuthiwa baye baziqhathe nezinye ezibandakanya uMboko wendlovu noMzimuka,bakhande ngazo imbiza ephuzelwa ukukhulisa induku.
Khumu!!
Thola ulwazi oluthe xaxa ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV