Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Isela lintongande lawo Baleka elithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane!#ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu.
ISithende seZulu (INdabulavalo eyitshe)
Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni ibizwa ngeNdabalavalo eyitshe ngesiZulu. Ibuye ibizwe ngeSithende seZulu. Zimbili izinhlobo zeziNdabalavalo engizaziyo mina . Ngazi yona lena esisithombeni , kanye neyigxolo elixetshulwa esihlahleni esikhulu naso esibizwa ngeNdabulavalo. Sizobuye sixoxe ngayo leyo. Okwanamuhla sixoxa ngalena eyitshe. Lena ikhandela uma kushaye uMphezulu phansi , uma umba uya phansi kuleyo ndawo lapho osuke ushaye khona uthola yona iNdabulavalo esesithombeni ebuye yaziwe ngeSithende seZulu. Akulona itshe leli, isaNgilazi uma uyibukisisa. ***Le Nduku yinhle kakhulu ekubetheleni ikhaya ukuze lingashaywa uMphezulu. Le Nduku yinhle futhi kwezeSithunzi , emithini yokusatshwa , ikakhulukazi kulabo abanezikhundla emisebenzini yabo-yibona abayisebenzisa kakhulu.Yinhle futhi nakwezokuqina. Le Nduku ingena ezinsini , kwezokugquma , kwezokugeza , kanti abanye bayayithaka nakwezokuphalaza . Ngokuvamisile iNdabulavalo eyitshe iye iqhathwe kakhulu neyigxolo.
Khumu!!
Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV