Incazelo ngoThekwane (Hamerkop, Umber bird , Lightining bird)

UThekwane

Nina abeGodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMamama yiwona onguBaba ! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMathelweni! Nina beSilo le nyoni eniyibona esithombeni ibizwa ngoThekwane ngesiZulu, inyoni yeZulu lena njengeNsingizi. Ayidliwa le nyoni. Kunenkolelo ethi uma uThekwane uke wadabula umuzi ukhala ushaya amaphiko usuke ubika isifo kulowo muzi, noma lowo muzi usuke ugadliwe. Le nyoni nina beSilo angikaze ngiyisebenzise kodwa bathi abayaziyo ayidonsi -ayidonsi umhlola. Bathi ingena kwezezimali , eZibungeni naseZigubhini zokudonsa . Kuthiwa kusebenza kakhulu iSidleke sayo . Le nyoni kuthiwa uma yakhela yakhela ngezinto eziningi ezahlakahlukene ngisho nemali imbala bathi ungayithola esidlekeni sayo. Bathi notshani esuke yakhele ngabo busuke bungumuthi, ayivele ithathe noma ngabuphi utshani. Bathi akukho lula kodwa ukuthatha iSidleke sayo , bathi kudingeka inyanga impela esiqine uKhakhayi. Bathi uma usithatha uyakhumula usale ngeSudu yesele. UThekwane usetshenziswa iziNyanga zasenhla neZwe. NgesiBhunu bathi yiHamerkop ngenxa yakhanda layo elimise okweSando. NgesiLungu bayibiza ngeLightining bird , noma ngeUmber bird. Ka seTswana bare ke Mmamasiloanioka. NgesiXhosa bayibiza nggoGhimngqushe. NgesiTsonga bayibiza ngoMandozwana.

Khumu!!

Thola olunye ulwazi ngeKhubalo kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”


Niphile nina bakaKhawulela Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawoDambuza ka Ntombela!!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo