Izitho zenkomo (Ezangaphakathi )

INzima

*Isitho

-Incazelo

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo, cha , sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo ake sibheke izitho zenkomo , ukwehlukaniswa kwazo uma bekade kuhlizwa, nanokuthi zidliwa obani.Ake sizibheke


*Amathumbu

-Amathumbu ahlukaniswa kuthiwe kukhona amakhulu kanye namancane, kubuye kuthiwe kukhona amanhlophe namnyama. Kwamancane amhlophe kukhishwa iLulu.

*ILulu

-Yithumbu elide elidliwa indoda endala , enguyise woMnumzane ohlabile. Leli thumbu lisikwa emathunjini amancane , amhlophe.

*UMthala

-UMthala inyama eyisicubu eba samfinqo oswini, engafani nosu lonke ukwakheka kwayo nasemlonyeni. Lena yinyama ekhethelwa abadala ekhaya. Idliwa isipholile. Kukhona uhlobo lwezinkanyezi ezenza isixhobo , nazo ezibizwa ngokuthi uMthala.

*IPhaphu

-IPhaphu lisesifubeni , lakhelene neNhliziyo kanye neSibindi. Uma kuhlinzwa liye likhishwe kanye neNhliziyo. IPhaphu lidliwa abafana. Kuyo yonke into enomphefumulo iPhaphu lelekelela ukuphefula.

*ITwani

-ITwani lixhumene naMathumbu. Alilona ithumbu nokho. Liyinyama ebumbene ethi nxa isikwa noma iqhekezwa itholakale inamagunjana aqukethe ubulongwe. ITwani lidliwa ngamakhosikazi.

*ISibindi

-ISibindi siseduze kwePhaphu. Sikhulu iSibindi , sibuye siye nangobukhulu benkomo. ISibindi sisekelwa uMnumzane , asikelwe umbengo wokosa. Ingxenye esalayo idliwa nguMkhaya , ikakhulukazi amakhosikazi . Esibindini kusikwa kukhishwe inyongo.

*ISisu

-ISisu isitho esihlala amathumbu nokunye kwangaphakathi. Sicotshelwa eBubendeni obudliwa ngabesilisa ekhaya.

*USu

-USu lususwa ngaphakathi kade luxhumene nePhaphu noSinyaka. USu yithumbu elikhulu  elisathawula, elisongene laba yinkatha. Leli thumbu linobulongwe ngaphakathi . NgesiSuthu kuthiwa uMogodu. USu ludliwa ngamakhosikazi.

*USinyaka

-USinyaka ususwa oSwini. Uyithumbu elikhulu elingasekugcineni elilandelwa nguPopopo. USinyaka udliwa ngamakhosikazi

*UPopopo

-UPopopo udliwa ngoMame. UPopopo uxhumene noSinyaka, kuthi ngasekugcineni uxhumane noMtshazo.

*UMtshazo

– UMtshazo uxhumene noPopopo. Wona-ke uze uphumele nangaphandle. Uyinyama emhlophe ende ngangengalo yomuntu. Ucotshelwa eBubendeni  ubuye udliwe ngoMame

*UBende

-UBende lubuye lubizwe ngaManyikwe.LuyiSiseba esibanzi esinamathela oSwini,  esingange sandla somuntu uma isencane , luba ngaphezulu uma isikhulile. UBende ludliwa ngabafana.

*UBhedu

-UBhedu kusuke kushiwo inyama edliwa ngabafana entabeni , bayayilwela. UBhedu yiNhliziyo kanye nePhaphu. AmaQhawe adla iNhliziyo kanti amaGwala wona adla iPhaphu futhi alidle selicwiliswe emanzini noma selibhuqwabhuqwe enhlabathini. Kukhona nenkulumo ethi “Ukudla uBhequ” okuyinkulumo echaza ukunqoba. UBhedu lubuye lubizwe ngeNgungu.

*UNtu\ULuntu

-Isitho senkomo esithwethwesi okuyisona esemboze amathumbu esiswini, kodwa kuthi lapho inkomo isihlinzwa luhambe noMhlubulo.

UNtu ludilwa ngoMame kanye noMhlubulo. Luhle futhi ekoseni

*UMhlehlo

-UMhlehlo uvela kakhulu ezihashweni zoMntwana uZibhebhu ikakhulukazi lezi ezithinta ukusonconga.Uvela uma zithi”Wathi akanaNyongo akanaMhlehlo” .UMhlehlo ulithwethwesi lamafutha elinamathele oSwini. Udliwa ngaMakhosikazi , uqotshelwa eBubendeni.

*INyongo

-INyongo isitho esixhumeni neSibindi.INyongo kayidliwa iyafuthwa bese iconsiselwa ezandleni nasezinyaweni zalowo osuke ehlatshelwe. UMnumzane owaziwayo uye ahambe echome iNyongo ekhanda kube wuphawu olokhombisa ukuthi umthethi wakhe yena uhamba ehlatshiswa .INyongo kayidliwa

*ISinye

-ISikhwama samanzi aphuma ezinsweni achithelwa ngaphandle

*IZinso

-IZinso ziphahle uMgogodla , ngezansi nje koLuntu. IZinso zidliwa nguMnumzane noma ngumuntu owaziswa nguMnumzane ohlabile.

*UValo

-UValo ithanjana elincane elingenzansi kweSifuba elihamba naso iSifuba.

*IZiphapha

-IZiphapha inyama esezinhlangothini evimbela uBubende.Iqotshelwa eBubendeni idliwe kanye nabo. UBubende budliwa ngabantu besilisa.

*IMvali

-IMvali isitho esixhumene noSu. Inyama esisakana exhumene noSu, isikwa isuswe oSwini. IMvali kubuye kuthiwa iNgobo.

*UMvimba\uVimba\IMvimba

-UMtshazo ofakwe amaqashana ngaphakathi wabe usuboshwa , uvalwa nxa zombili . Ube usuphekwa -ke uMvimba noma wosiwe emlilweni. Udliwa ngabafana.

*INhliziyo

-INhliziyo isikwa ihlukaniswe ePhashini. INhliziyo idliwa nePhaphu uma selidliwa ngabafana.

*INgwaqo

-INgenhla kwePhaphu. Umuntu unqamula iPhamula iPhaphu bese endamula uMminzo, kuthi ngenhla -ke kube yiNgwaqo.. INgwaqo imhlophe , ingangezandla ezimbili, yisicubu esisodwa.Abanye kabeyehlukanisi kuQhoqhoqho.

*UMminzo

-UMminzo nguQhoqhoqho . Kuthi lapho kususwa iPhaphu kusale uMminzo , kuthi ngenhla-ke kube yiNgwaqo.NjengeNgwaqo,uMminzo untshontshelwa abamnumzane abakade behlinza

*INazo \INanzi

-IXhumene neTwani. InguMbhobho omude ocishe ube ngamaSentimitha angama-30. Phakathi kukhona ubulongwe okuthi lapho umuntu ebukhipha buphume buthi tshu.

Khumu!

Niphule nina beSilo

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunde ngamaKhambi eSintu.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo