Izitho zenkomo (ezangaphandle)

Inkomo enkone

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IBhaka lamanzi lakoNdikidi , lisibekele izinkomo zamaSwazi zanyamalala! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo!#ISilo uDingane leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadabe , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu! Cha, thina sisaphila kwaKhumalo. Nina beSilo njengoba izolo kade sibheka izitho zenkomo zangaphakathi , namuhla-ke ake sibheke ezangaphandle.

ISitho*

Incazelo-


*IKhala

-Nina beSilo iKhala isitho inkomo ephefumula ngaso. Lena inyama edliwa ngabafana.

*ULimi

-Isitho esisemlonyeni wenkomo.ULimi ludliwa nguMnumzane.

*ILunda

-ILunda isitho esingemuva kweSixhanti. Libonakala kahle eNkunzini yenkomo.Kodwa zonke izinkomo zinalo iLunda. ILunda lidliwa iNkosana yalelo khaya eqondene nenkomo le ehlatshiwe.

*UBebebe

-Udebe lwenkomo lolu. UBebebe udliwa ngabamnumzane asebekhulile .Kuthiwa uma uBebebe udliwa ngabafana bayozala izingane ezilekezelisa imilomo.

*IDevu

-IDevu lisemlonyeni, lidliwa ngabafana

*IBele

-Lesi isitho inkonyane elincela kuso. IBele lidliwa izintombi noMame

*ISikhaba

-ISikhaba iSibele seduna, singezansi kwenkaba. ISikhaba sidliwa izintombi

*ISinqe

-Uma kwehlukaniswa izitho zangaphandle kuphuma uMlenze kusala iSinqe. Le nyama ibuye ibizwe ngenyama yeQolo. ISinqe sidliwa ngoMame kanye namanqina.

* IThebe

-IThebe ithambo leSinqa lokuhlala

*UGalu

-UGalu esiphuma eMlenzeni . Kuyaye kuti uma kunqanyulwa iNqina ngezansi kweDolo kusale uGalu(ithambo ), uGalu uye ukhawule ngethambo elifiphi. UGalu mude ungangokusuka enqololwaneni uye esandleni . UGalu udliwa umuntu ophekile. Lena yinyama anikwa yona. Uma ethanda ayidle emzini wakhe, ahambe nayo khona isiphekiwe.

*UMlenze

-UMlenze wehlukaniswa kuGalu kuye kushaye enyongeni. UMlenze udliwa ngoMame.

Iyaqhubeka

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo