Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IBhaka lamanzi lakoNdikidi , lisibekele izinkomo zamaSwazi zanyamalala! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadabe , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu! Cha, thina sisaphila kwaKhumalo. Nina beSilo njengoba izolo kade sibheka izitho zenkomo zangaphakathi , namuhla-ke ake sibheke ezangaphandle.
ISitho*
Incazelo-
*IKhala
-Nina beSilo iKhala isitho inkomo ephefumula ngaso. Lena inyama edliwa ngabafana.
*ULimi
-Isitho esisemlonyeni wenkomo.ULimi ludliwa nguMnumzane.
*ILunda
-ILunda isitho esingemuva kweSixhanti. Libonakala kahle eNkunzini yenkomo.Kodwa zonke izinkomo zinalo iLunda. ILunda lidliwa iNkosana yalelo khaya eqondene nenkomo le ehlatshiwe.
*UBebebe
-Udebe lwenkomo lolu. UBebebe udliwa ngabamnumzane asebekhulile .Kuthiwa uma uBebebe udliwa ngabafana bayozala izingane ezilekezelisa imilomo.
*IDevu
-IDevu lisemlonyeni, lidliwa ngabafana
*IBele
-Lesi isitho inkonyane elincela kuso. IBele lidliwa izintombi noMame
*ISikhaba
-ISikhaba iSibele seduna, singezansi kwenkaba. ISikhaba sidliwa izintombi
*ISinqe
-Uma kwehlukaniswa izitho zangaphandle kuphuma uMlenze kusala iSinqe. Le nyama ibuye ibizwe ngenyama yeQolo. ISinqe sidliwa ngoMame kanye namanqina.
* IThebe
-IThebe ithambo leSinqa lokuhlala
*UGalu
-UGalu esiphuma eMlenzeni . Kuyaye kuti uma kunqanyulwa iNqina ngezansi kweDolo kusale uGalu(ithambo ), uGalu uye ukhawule ngethambo elifiphi. UGalu mude ungangokusuka enqololwaneni uye esandleni . UGalu udliwa umuntu ophekile. Lena yinyama anikwa yona. Uma ethanda ayidle emzini wakhe, ahambe nayo khona isiphekiwe.
*UMlenze
-UMlenze wehlukaniswa kuGalu kuye kushaye enyongeni. UMlenze udliwa ngoMame.
Iyaqhubeka