Incazelo ngeMfeyenkawu🖋️👇🏾

IMfe yeNkawu:

Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi kwaZulu🙌🏾.

Enhla nasezansi ngiyababingele abeSilo.  Lo muthi eniwubona esithombeni iPhakama elibizwa ngokuthi “iMfeyenkawu” . IPhakama ilezihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu. Lezo zihlahla zimandla kakhulu uma kuza ekwelapheni, zikhuphula amandla eNduku. Imvamisa yazo iba izintelezi, ezichelayo ziphinde zigeze . Ezinye zazo ziyaphalaza. IPhakama liye libizwe ngaso leso sihlahla elisuke limile kuso. Isibonelo iPhakama loMganu, iPhakama loMnyamathi, iPhakama leMinyela njalo njalo. IMfeyenkawu yona ibizwa ngeMfeyenkawu noma imile kusiphi isihlahla. IMfeyenkawu inhle kakhulu eMagobongweni, eloMndiki neloMndawe. Iphakamisa iDlozi. Iyangena futhi nakwezenhlanhla, ezimhlophe , ikhuphula amandla eNduku. AmaSoka ayikhonze kabi iMfeyenkawu , akhuphula ngayo amandla eNduku yawo emhlophe yokuphalazela ubusoka.
Kanti futhi iMfeyenkawu ibuye ibe yiNtelezi, ingena kwezokuchela ekhaya ,ukuxosha imimoya emibi. Abanye bayagitshala ekhaya ukuze ivimbe abaSokoco ukuba  bengangeni ekhaya. Iyakhiwa ehlathini, bese ibekwa nje endaweni ephakeme ikakhulukazi phezu kwesihlahla . Noma yenzelwe isigxobo mhlawumbe ipali elinezimbaxa ngaphezulu ukuze ihlale kahle. Abanye bayibeka esibayeni ukuze ivikele izinkomo ezilwaneni zabaSokoco. Kulula ukuyitshala, uvele ubeke induku yayo noma igatsha phezu kwePali elimbaxa mbili , ivele ibambe ,bese iyakhula. IMfeyenkawu iyangena naseZikhafulweni, iyangena futhi nasembizeni ephuzwa insizwa enenkinga yokungabatholi abantwana. Iye iqhathwe noDlutshani, uMdubu kanye neminye imithi.


#Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi *Kholo Khumalo TV 📺* uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi

Niphile nje nina baka Vezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo🙌🏾

IMfeyenkawu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo