Isizwe sakwaTembe sasehlukene kabili ngobundlu baso. Kwakukhona indlu enkulu eyayakhe phakathi komfula iMabhudu kanye nolwandle. Kwathi ekugcineni kwathiwa ngokwesiko labo lena yindlu encane. Akekho owaziyo ukuthi lokho kwakushiwolani. Kuthiwa laba bantu bakwaTembe babekhuthele belima,befuye. Kanti laba,okwagcina sekuthiwa iyona ndlu enkulu, babakhe phakathi kwemifula iMabhadu kanye noMtembe. Kuthiwa inhlalo yalaba yayingahlelekile. Bengakhuthele nakakhulu. Impilo yabo yayencike kakhulu kule ndlu abathi ingencane, ngokudla nangohwebo. Kuthiwa abantu bakwaTembe babetshala ummbila, ubhatata, amantongomane, izindumba(imbumba). Babedumile futhi nangemisebenzi yezandla. Babencibilikisa insimbi nethusi, ababekumba phansi. Lokhu babenza ngakho amageja okulima, bakha izimbazo, imikhonto, amasongo nezinye izinto zokuhloba.
Kanti babaziwa futhi nasekubazeni amabhodwe, izingqoko, izinkezo, izixembe kanye nezinye izitsha ezakhiwa ngokhuni.
Kuthiwa umuntu owaba ngumsunguli noma inzalabantu yalesi sizwe kwaba nguTembe, ethiwa ngomfula uMtembe ngoba azalelwa khona. Kuthiwa lo Tembe wayengozalo lukaNdawu iKaranga. Kuthiwa labo Tembe abaseNyakatho nekwaZulu baqhamuka lena enhla bewela umfula iNkomazi(Nkomati). KuseMuzambikwe lapho zehlukana khona izizwe zakwaTembe. Indlu encane yakwaTembe lena yangena eNyakatho nekwaZulu.
Igama elithi Mabhudu lashintsha kwathiwa Maputa. Phela umfula uPhongolo ubizwa ngokuthi iMaputo uma usungene ePutukezi. Isizwe sakwaTembe esakhe eNyakatho nelaKwaZulu kuthiwa isizwe saMabhudu(Maputa). Nendawo abakhe kuyona kuthiwa iMabhuduland(Maputaland).
Kuthe ngesikhathi sokukhothama kukaHluma, kwathi omunye wabafowabo uNonkantsha wafuna ukubeka enye yamadodana omfowabo uMakhasanyana esikhundleni sikaHluma, esikhundleni sokuba kubekwe indlalifa kaHluma enguNoziyingili. Yilokhu-ke okwenza ukuba abaleke kwelakubo ayocela usizo enkosini yakwaZulu okwakunguMpande kaSenzangakhona ngaleso sikhathi. UMpande wawathumela amabutho akhe ayeholwa nguNongqiwu indodana kaMgobhozi wakwaMsane.
Yabambana phezu kukaNondaka umfula ongenela oSuthu. Wabulawa-ke uNonkantsha nalona ayembeka uMakhaasanyana. Wasithatha-ke isikhundla sakhe uNoziyingili. Kwathi ekukhothameni kukaNoziyingili, kwatha esikhundleni sakhe indodana yakhe uNgwanase. Kuthiwa nguyenaowaba ngumqambi wangempela weTongaland Kingdom(Umbuso wamaThonga)ngonyaka ka1887. Lo mbuso wawusakhelwe khona eMuzambikwe, kodwa kwase kuqalile ukubusa kwaMaputukezi ngaleso sikhathi. Kwaba khona ukushayisana phakathi kwamaPutukezi namakhosi ayebusa kulendawo esaqala ukwandisa umbuso wawo. Kwathi ngo-1890, aqala ukuxosha amakhosi endawo angavumi ukuthela kuwo.
UZambili indodakazi kaSobhuza inkosi yaseSwazini ongunina kwaNgwanase wathatha uNgwanase(owayemncane ngaleso sikhathi esizwa nguyena unina ekubuseni)wabaleka naye waya ngakwaZulu, waze wafika kwaNongoma enkantolo yakhona sekuphethe izimantshi zamaNgisi. Imantshi eyayikhona ngaleso sikhathi uMnu. Foxon, wamthatha uNgwanase nabantu bakhe wayobabeka endaweni ephakathi nePhelindaba kanyenechwebakazi iKhosi(Kosi Bay) lapho bafike bahlala khona ngokuthula, kuze kube manje. Sebaziwa njengabantu bakwaMhlabuyalingana, eMaputa kwaNgwanase.
……………………………………….
Ubukhosi bakwaTembe
UTembe
Sikuke
Ludahumba
Silambonya
Indlu enkulu. Indlu encane
Muhali Mangobe
Mayetha. Mabhudu
Mabhongwana. Mwayi.
Bhukuda. Makhasana
Mabayi. Hluma.
Bhukuda2. Msongi
(Felephu). (Noziyingili)
Ngwanase
Mzimba ..
………………………………………………………………
Ngicela ungichazele ngezakwa Nkutha
Siyathokoza kakhulu Mbulazi ngomlando wakwaTembe. Kunolwazi engingacela uluqinisekise ngokophenyo lwakho oluthi uNgwanase efika kuleli laphaya kwaMhlabuyalingana wafica abantu bakwaKhumalo bakhile bebusa namamfihla endaweni okuthiwa kuseMfihlweni ngenxa yokuthi wayebalekela amaPutukezi eMuzambikwe. Ngiyabonga.
Ngicel ukuchazel ngesakwa maphanga
Ngicela ukubuza ukuthi uhlobene uMthembu no Tembe?