Abantu bakwaMagwaza bavela kwaMhlongo.!
Ngesikhathi sikaMakhendana kwadaleka imbedumehlwana esizweni saseLangeni. Kwakukhona indlu encane yaseLangeni kaQumbumbethe[Mabhulubhense] kaLugoloza . Kule ndlu kwakukhona indodakazi kaMazwana, yathathwa nguMakhendana wayenza uNkosikazi lokhu okwakungavumelekile ngokwesiko lesiNguni. Ngakho-ke ngenxa yalesi sehlo abantu bakaQumbumbethe bazizwa njengabantu bakwaMagwazwa ngoba begwazwe yindoda,yasekhaya. Kwathi abantu bakaSoyingwase kwathiwa abakwaMhlongo belandela igama likaBhebhe[uyise weNdlovukazi uNadi].. Ngokolimi lwesiNguni lokugwinya amagama noma izinhlamvu abantu bakaQubumbethe baziwa ngokuthi ngabakwaMagwaza, kwayekwa ukuthi ngabakwaMagwazwa. Le nkosazana yezimanga kwakunguSozidade,kaMazwana.
Abantu bakwaMagwaza baziwa ngezithakazelo zabo oNjinji, Manqondo noYengwayo. Batholakala eMthinemide eNkandla lapho kubusa khona iNkosi Mandlenkosi Magwaza eMelmoth naseMzinyathi, eNdwedwe. ,
uLungoza uzale uQumbumbethe[Mabhulubhense], uQumbumbethe wazala uMavundla owazala uMabhulu[uSibude] , uMabhulu [Sibude ]uzale uYengwayo, uYengwayo uzale uMazwana, uMazwana uzale uManqondo.
UManqondo waba yisilomo ngesikhathi sekuphethe uDingane ngoba kuthiwa wabeka inkomo wathi umuntu ozokwazi ukuyithwala kuzoba ngeyakhe. Amadoda amaningi ehluleka ukuyithwala kodwa uManqondo wayithwala wahamba nayo wabe eseqanjwa ukuthi nguMathwalinkomo.
UManqondo uzale uQethuka. UQethuka uzale uMaseyana. UQethuka wenqaba ukuthatha ubukhosi ngesikhathi sekushone uyise uManqolo ubukhosi bakwaMagwaza bathathwa ngamabamba. Ibamba lokuqala kube umfowabo kaQethuka omncane; elesibili kube nguNdube ozalwa nguManqondo, elesithathu kwaba nguMphathesitha ozalwa nguNdube kwathi elesine kwaba nguGogodwayo ozalwa nguNdube. Ngemuva kwalokho ubukhosi bubuyele kuMaseyana ozalwa oyindodana kaQethuka. UMaseyana uzale uMkhulumeli ozale iNkosi Mandlenkosi ebusayo manje.
Abanye abanonise umlando wakwaMagwaza kubalwa uNohadu ozalwa nguMazwana endlini yasokhohlo. UNohadu ubephethe izinceku esigodlweni sesilo uShaka, KwaBulawayo naKwaDukuza. Uqhubeke nokuba yinceku nangesikhathi seSilo uDingane neSilo uMpande. UNohadu uzale uMtshaphi.
……………………………………………………….
Izithakazelo zakwaMagwaza!!
Magwaza, Njinji!
Manqondo,
Yengwayo!
Mabhulu,
Wena wakaJika bakhothame!
Mabhulubhense!
Nina abeqhawe elathwala inkomo iphila!
Nina bakoMith’ emide!
……………………………………………
Sanibona kwindabuko yakho ngokukhulu ukuzithoba ngisacela ningihlaziyele umlando wabantu bakwa Gcwensa ukuthi baqhamuka kephi kuze kube bafika lapha emthwalume kahle kahle siyizukulwane esisha asazi nokuncane nje
Kulungile Ndimande sizokwenze njalo
Ngicela ungasishiyi nesakithi kwaMabhele.ngomlando wakithi uwubhale unabe ngawo
Kuhle impela ukwazi ngezibongo ezahlukene. Kuyasofundisa futhi kusikhulise nangokolwazi. Impela umsebenzi wakho muhle futhi uyancomeka. Ngingakuthokozela kakhulu ukuthola ulwazi kanye nomlando othe thuthu ngesibongo namgemvelaphi yakwaMdlalose.