Dludla

AbakwaDludla!!

Abantu bakwaDludla baphuma kwaXulu basuka eMfule bayokwakha ngaseMthinemide bakhelene nabakwaMagwaza. Njengoba bephuma kwaXulu- lokho kusho ukuthi baphinde bahlobane nabakwaSikhakhane, ngoba nabo abakwaSikhakhane baphuma khona kwaXulu.

Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka, umholi wesizwe sakwaDludla kwakunguNtshukungaye kaMadondo waseNketheni. Abantu bakwaDludla bafana nabantu baseMambatheni lapho kukhona amaMbatha amnyama namhlophe.
Nabo-ke kukhona amaDludla amnyama namhlophe.
Basatholakala ngaseMthinemide, kuze kuyoshaya eMfanefile


English version

The Dludla people left the Xulu family from Mfule to settle near Mthinemide next to the Magwaza family. Being from Xulu – that means they are also related to the Sikhakhane family, because the Sikhakhane family also came from the Xulu family.

During King Shaka’s reign, the Dludla tribal leader was Ntshukungaye kaMadondo of Nketheni. The people of Dludla are similar to the people of Mambatheni where there are black and white Mbatha.
Then there are the black and white Dludla.
They are still found near Mthinemide, up to Mfanefile

Izithakazelo zakwa-Dludla

Nolanga,
Skhakha somfazi,
Nsukunganye,
Cebisa, ocebisa abafokazana ngozuka
Ndwani, Noyivalela,
Ndaba zamanina,
Sibunyana siluhlazana intebe,
Mandondo weNkethe,
Jaja, Maphambukela,
Mbayimbayi, Mbuya,
Madlodlongwane,
Sikhonkwane, Ntanjana,
Mmemezi, Tonisi,
Maxolo!

…………………………………………………………

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo