AbakwaGumede kaManukuza(waseButhonga)!
……………………………………………………………….
Abantu baseButhonga bangena eNatali beqhamuka ngaseNyakatho Mpumalanga yeNatali. Phela babili oGumede, kukhona uGumede kaMnguni(Qwabe), bese kuba khona lo engizokhuluma ngaye namuhle, ongowaseButhonga, akahlobene noGumede wakwaQwabe. Abantu baseButhonga bahlobene kakhulu babeSwazi.
…………………………
Imvelaphi yamaThonga
Kuthiwa ngenkathi uNgwane ezinza kwelaseSwazini, umfowabo ogama lakhe linguMthonga yena wehla nezwe wayozifunela amadlelo aluhlaza endaweni egudle ulwandle. Kuthiwa wabona indawo evulekile ngale ezintabeni zoBombo. Lendawo yayingenamuntu oyakhele. Ngakho wayibona ivulekile futhi ikhululekile ukuba ahlale kuyona nesizwe kanye nemfuyo yakhe. Okubi nje kule ndawo nokwaba cishe yisizathu sokuba le ndawo ingakhelwa muntu, kungenxa yempilo. Kuthiwa kwakukhona kwakukhona amahlozi acinene, kushisa ngenxa yokucinana kwezihlala, kungekho manzi agelezayo, kukhona amaxhaphozi azelela omiyane abangabathwali bakamalaleveva, kugcwele nezibawu ezidala izifo ezinkomeni ezifana noNakane(Nagana disease). Lokho kwenza ukuthi abantu bakaMthonga basabalale yonke leya ndawo, bezama ukugwema zonke izinto abahlangana nazo. Lapha base bezehlukanise izigaba ngezigaba ngenxa yezindlu zabo. Sithola lapha sekukhona abakwaGumede, abakwaJobe, abakwaMlilo, abakwaManaba, Ngomane kanye nabakwaNgiba. Bonke labazithakazela ngoGumede. Okusho ukuthi ubuhlobo babo kabuphelile. Basakukhumbula ukuba bazalwa yindoda eyodwa. Futhi basahloniphana. AbakwaMlilo bona baphinde bazithakazele ngoMabaso(hhayi owaseMantungweni).
…………………………
Ukuzalana kwabantu baseButhonga.
UMthonga wazala uNkalana
UNkalana wazala uSidlondlo owazala uMashabana .
UMashabana wazala uManukuza.
UManukuza wazala uGumede, uJobe ,uNongcola , uMantinti kanye noMakhasa.
UGumede kaManukuza wazala uTiliba noMhlanga.
UTiliba wazala uMaduna owazala uGodi.
UMahlangu yena wazala uManaba noMlilo.
UManaba wazala uLuvico owazala uNdabazempi.
UJobe kaManukuza wazala uThanga owazala uMmangaliso.
UMmangaliso wazala uMsingaphansi owazala uZidlebe.
UNongcola kaManukuza wazala uNgwana owazala uSiqakatha.
USikatha wazala uMjindi.
UMjindi wazala uNtshingwayo noMdabuka.
UNtshingwayo wazala uNtenga..
………………………………………
Ngisacela imvela yesibongo saka Mkhonto