Ngobese

AbakwaNgobese !

…………………………………………………………………

Abantu bakwaNgobese sibathola laphaya eduze kweNhlazatshe egqunyaneni elibizwa ngokuthi kuseNtabantuzuma. Kuthiwa babehlala emgedeni ukuze bavikeleke ezitheni zabo. Abantu bakwaNgobese bangaMantungwa Nguni.

Kuthiwa abantu ababakhelane baqale bacanga ukuthi ngaBathwa ngoba bebona indlela abaphila ngayo, lena phela yokuhlala emgedeni. Ngakho abantu abaningi bazama ukukhipha laba bantu emgedeni, ukuze bababone ukuthi bangobani , bayini. Kuthiwa kwake kosiwa nenyema kucatshangwa ukuthi uma kungaBathwa bazophuma emgedeni bedonswa wusi. Kodwa lutho. Kodwa ekugcineni baphuma batholakala ukuthi ngabantu abafana nabo bonke nje abantu. Impilo yabo laba bantu behlezi laphaya emgedeni kwakuyimpilo yokuziphephisa. Ngisho nesithakazelo sabo sisuselwa empilweni yabo. Babelima laba bnantu kodwa ngokwesaba izimpi, babengenaso isikhathi esanele sokunaka amasimu abo. Kuthiwa babephuma ebusuku bayosenga noma ngekabani inkomo. Ngalokho babehlala namagula agcwele ubisi lwezinkomo ezingesizo ezakwaNgobese. Ngakho kwakuthi noma amagula esanamasi kodwa kunele kungafika ubisi olusha kuqungwe ngalo. Yingakho  babizwa ngokuthi amaQungebe nje ngoba bequnga amasi ngobisi-[Maqunga–ebe ubisi].
Abantu bakwaNgobese babaluleke ngesikhathi kubusa inkosi uMpande owayebusa kwaZulu ngaleso sikhathi,kanti owayesengumholi wabantu bakwaNgobese ngaleso sikhathi kwakunguMfokazana,indodana kaXongo. UMfokazana lona wakhombisa ubuqhawe ezimpini zenkosi kangangokuthi yaze yambonga ngokumsikela indawo esuka phezu koMzinyathi kudlule ngaphansi kweNquthu. Ngakho-ke wakwazi ukuhlanganisa bonke abantu bakwaNgobese wabakha baba yisizwe esiqoqekile sakwaNgobese, esikhona namanje, kodwa leli qhawe ngeshwa kuthiwa kalitholanga ndlalifa eyayizobusa esikhundleni salo, ngakho kwakufanele kuthathe umnawakhe uSihayo.
Naye futhi uSihayo wazenzela olukhulu ugazi embusweni wenkosi uCetshwayo kaMpande. Phela impi yenkosi uCetswayo eyaseSandlwana isisusa sayo kwaba ngamadodana kaSihayo oMehlokazulu noMkhumbikazulu kanye noTshekwana, okuthiwa babulala amakhosikazi amancane kaSihayo ngonba ephule umthetho ase ebalekela esilungwini–ayophinga. AmaNgisi ayefuna ukuba kube yiwo azojezisa amadodana kaSihayo kanye naye uSihayo uqobo. Bathi uma inkosi uCetshwayo ingabalethi, ayimhlawulele ngezinkomo ezingaphezu kwenkulungwane, futhi kube yiNyonikayiphumuli, izinkomo ezaziligugu esizweni sakwaZulu. USuthu lwakhuza lwababaza lwathi ziyophuma lufe lonke. Wathungeleka kanjalo-ke umlilo wequbula. USihayo kafelanga empini kodwa wafela oNdini ngesikhathi uZibhebhu wakwaMandlakazi ecoboshisa izikhulu zenkosi oNdini, nanso nayo iziphuma ngesagundane yaze yayokhothamela eShowe.
Indodana kaSihayo uMehlokazulu yena wafa ngesikhathi sempi kaBhambatha kaMancinza wakwaZondi.

Okunye okubalulekile ngabantu bakwaNgobese ukuthi inkosi uSenzangakhona kaJama wathatha isithole sakwaNgobese, uMphikwase ozale iSilo saseMgungundlovu inkosi uDingane kaSenzangakhona. UMphikwase waba nguNdlunkulu wesithupha kaSenzangakhona.
…………………………………….

Ubukhosi bakwaNgobese!

UDonga

UMbikwa

UMthintisi

UXongo

UNtinda

UMfokazana….. uSihayo

UMehlokazulu. UMsuthu

UGodlumkhonto

UMdonswa

UThathezakhe

Kukhona-ke nendlu kaMakhalakatha ozale uNtusi, yena ozale uMkhumuza yena ozale uMmekezi.

Izithakazelo zakwaNgobese !

Mqungebe

Donda

Mthinti

Ntinda

………………………………………………………………………………

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo