Mazubane

AbakwaMazubane!!!

OZubane noMazubane ngabakwaZibane. Imvelaphi yabakwaZibane (noma Zubane,Mazubane) iveza ukuthi empeleni laba ngabantu ababodwa. ESwazini naseGouteng babizwa ngoTibane. Abantu bakawZibane baphuma kwaNgcobo, okusho ukuthi bangamaLala-Nguni njengoba kunjalo kwabakwaNgcobo. UZibane lona kwakuyindoda yakhona kwaNgcobo okwakuthi nxa kukhulunywa nayo kumbe itshelwa ukuthi yeanzeni ivele izibe nje. Kuthe emveni kokuba isiganiwe, kwathiwa mayihambe iyokwakha umuzi wakwaZibane ngoba iyazibana. Nebala wawakha ke lowo muzi wathi kukwaZibane. Kwabe sekuchuma igama likaZibane okwagcina ngokuthi nozalo lwakhe lwaziwe kanjalo. UZibane simthola esakhe KwaDlangezwa, eMpangeni namanje okuyilapho besatholakala bebaningi khona abalesi sibongo. UZibane wazala uMatshana, yena wazala uSobhejiye, ozale uMalambule, uMthiya, uMbuzikazi noMshingane. UMalambule yena yena wakha umuzi waseDangweni lapho sekuyidolobha namuhla. Ithuna lakhe lilaphaya eNtuze, eningizimu yaseMpangeni. ElikaMatshana liseMatshana (entshonalanga yeMpangeni), kweseNkosi Khulumangifile Zungu, KwaMadlebe. ElikaSobhejiye lona liseduze kwalapho kugaywa khona amatshe, eBrickstone ngaseNdabayakhe nxa wedlula umgwaqo oya eFelixtone Sugar Mill khona eMpangeni. UMalambule, owayewomdala kusoBhejiye, wayekhonze kakhulu iSilo uCetshwayo futhi kuthiwa wabe elinono kangangoba iSilo ( Cetshwayo) sidingisiwe, wacelwa yiNdunankulu kaZulu ukuba angahambi. Nguyena owayegeza izitsha zeSilo. Emeni kokubuya kweSilo phesheya, uMalambule wabuyela kwelakubo KwaDlangezwa. Kuthe esegula waya kwaMthethwa. Kuthe eselapho kwaMthethwa, uPhalana kaMdinwa wakwaMkhwanazi waya eMgungundlomvu wayotshela abengwadi (abelungu) ukuthi uMalambule usekhotheme. Abengwadi babe sebebeka yena uPhalana ukuba yinkosi yaleyo ndawo. Kuthe uMalambule esebuyawathola uPhalana nguyena oseyinkosi. Wathi makayekwe umlamu wakhe aqhubeke nokuphatha. Phela uMalambule wabe eganwe khona kwaMkhwanazi. Ubukhosi basuka kanjalo endlini enkulu bavuka endlini encane kaMthiya kaSobhejiye kaMatshana. Basuka -ke lapho bayokwakha laphaya eMthunzini , bedlulela futhi naseShowe bafike bakha, kwavuka umuzi waseDangweni. Ngaleso sikhathi base beholwa nguScongwane kaMthiya ngoba uMthiya wahamba waya kwaMaphumulo eyokwethwasa , futhi kungathi yindoda eyayithanda kakhulu abesifazane. Basukile eShowe behambisana nabakwaNtuli, beholwa nguMkhonto kaNtwanenhle, okumanje basikelana nabo. Olunye uzalo lukaMthiya luseNdwedwe naseMabomvini eMsinga. Uma sebefike kwaMaphumulo, abakwaMthiya bona bafika baba ngoZubane. Bakhona futhi nalena KoSayidi (Port Shepstone) nakoMzimkhulu, nasemaMpondweni. Lapho-ke bangoMazubane kodwa kusengabantu ababodwa. OZibane balamana kanje: UZibane wazala uMatshana, uMatshana wazala uSobhejiye, uSobhejiye wazala uMalambule,uMthiya,uMbuzikazi noMshingane.

AbakwaZubane Oceni,KwaMaphumulo bona balamana kanje:
uMthiya wazala uScongwane, uScongwane wazala uMphezeni, uMphezeni wazal uMhadu owaganwa ngamakhosikazi amathathu- oMamhlongo ababili niMakhanyile. UMaMhlongo omdala wazala uMgwazeni, kwathi uMaMhlongongo omncane wazala uMusolina osekhotheme.
……………………………………………………

Izithakazelo zabo zithi:

Matshana,Malambule,
Mshingane,Mthiya,
Onantandakubukwa njengesakabuli abanye bathi njengsnene,Obhalabhala kamancinza,
Abanye bebhala ngensela,Ogubuzela umuntu ngehemu,Mazubane,
Nyuswa onganyusi muntu ,
Dlokwe,Congobotela,
Khwani eliskwa lihlume,Mkhonto owaduma ekuseni,
Luju lwetinyosi.
Ngcobo..

By Sbonelo Mazubane!

………………………………………………………………………

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo