Mkhize

AbakwaMkhize!!

Abantu bakwaMkhize kuthiwa ngabeseMbo ngoba beqhamuka kuMumbo, uyise kaZalankomo,uZalankomo yena wazala uLanga. Futhi bengaBaMbo Nguni . Nabo futhi bayazalana noDlamini baseMbo kanye noNdwandwe. Kuthathwe eside isikhathi ukuba babhajadiswe ngesibongo sakwaMkhize, sonke lesi sikhathi bebaziwa ngokuthi ngabaseMbo. Abantu bakwaMkhize kuthiwa kwathi uma behlukana nabanye bona batholwa ngaMaputukezi eTalagubhe. Kuthe emva kwalokho basuka bagudla ulwandle ngaseMpumalanga, behla njalo benbheke ngaseNingizimu, baze bafika eChwebeni (St Lucia Bay). Njengabantu abafuye kakhulu babethanda ukuthi imfuyo yabo iklabe lapho kunamazolo khona. Kodwa amazolo ayezotholakala kanjani eduze nolwandle? Kwaba kubantu baseMbo ukuthi bafune indawo engcono. Ngakho bahamba ezindaweni eziphakeme ezihlala njalo zinemikhizo. Kuthiwa bahamba njalo baze bayofika ezintabeni zaseQhudeni. Ngenxa yokuthi laba bantu banbehamba ezindaweni ezinemikhizo, kwase kuthiwa ngabakwaMkhize.
Bafika laphaya eQhudeni sebeke bazinza emahlathini aseNgome. Laphaya eQhudeni bakha kusuka ehlathini laseQhudeni kuze kuyofika emfuleni iNsuze, kanti ngaseNtshonalanga bavinjwa uThukela, kwathi ngaseNyakatho bavinjwa nguMzinyathi. Inhloko yabo ngaleso sikhathi kwakunguMavovo indodana kaGubhela. Izizwe ababakhelane nazo ngezaseBathenjini, kanye naMachunu.
Kwathi ngesikhathi kubusa uShaka kwaZulu, kwaMkhize kwakubusa uZihlandlo indodana kaGcwabe. Kwathi ukuba uZihlandlo abone omakhelwane bakhe abanamandla kakhulu kunaye bebhuqwabhuqwa nguShaka, baze banyamalala phambi kwakhe, futhi kuyizizwe ezinamandla wavele wenza ubuhlakani bokuphephesa isizwe sakwaMkhize olakeni lukaShaka ngokuba ayozinikhonzela kuye, wazakhela obukhulu ubuhlobo, okwaze kwaduka iLembe bengabangani. Kuthiwa uZihlandlo wayesavakashela njalo inkosi yakhe uShaka, esuka emzini wakhe kwaNyakenye ngaphesheya koThukela. Kuthiwa nguyena muntu wokuqala owabona umuntu omhlophe. Bathi wayethi yena yishaywa(laba bantu abamhlophe). Kanti ngumlungu(u-Isaas). Wamthatha wamusa emzini wakhe. Akakhohlwa u-Isaacs emibikweni yakhe ukutua abantu bakwaMkhize nenkosi yabo ngendlela abalunge ngayo namgendlela abahlonipha ngayo. Kuthiwa ngendlela ayemthanda ngayo uZihlandlo uShaka kwaze kwambangela isigcwagcwa kubafowabo bakaShaka nasezinduneni zakhe. Yingakho uDingane wathi uma ethatha ubukhosi wazama ngayo yonke indlela ukuba asuse phambi kwakhe bonke ababeyizihlobo nabangani bakaShaka. Omunye owayesohleli lukaDingane kwakungaba ngubani ngaphandle kukaZihlandlo wakwaMkhize, owayakhe umuzi wakhe eQhudeni obizwa ngokuthi kukwaDimane. Kuthiwa uDingane wathumela abantu ukuba bayothi kuZihlandlo akalethe yena nabantu bakhe iminyaba yezintungo ukuba kuzokwakhiwa umuzi waseMngundlovu. Ngenxa yokuthi abantu bakwaMkhize babakhe eduzenehlathi kabakushayanga mkhuba lokhu. Kodwa bengakazigawuli izintungo, kwafikaizithunywa zikaDingane zilethe umyalezo oyimfihlo kuZihlandlo. Kwathi engazelele, bamgwaza ngomkhotno wafela khona lapho. Kubantu baseMbo akekho umuntu owaba nesihluku njengoDingane. Ngokubona lokhu kwafanela ukuba abantu baseMbo nyawo zami ngibelethe. Indodana kaZihlandlo, uSiyengela wayesemncane ekubeni angahola abantu bakwaMkhize, benjalo bebakeka. Ngakho uMsengi indodana kaSambela umfowabo kaZihlandlo,yena wayeseqinile, ngakho wathwala lo mthwalo wokuhola anbantu bakubo. Bathi wayehamba nemindeni engamakhulu amathathu kuya kwamane. Kwabuye kwathelela abahlobo babo bakwaNdlovu ababeholwa nguMpongo indodana kaZingelwayo kaLamula, kaNgema, bahambisa bayofuna amadlelo aluhlaza. Kuthiwa bahamba baze bayofika phakathi komfula uMkhomazi kanye neLovu.

Base bekhathele ngakho-ke bahlala lapho kuze kube namanje le ndawo isabizwa ngokuthi kuseMbo. Kwabusa uSiyengela ngoba uMsengi wayesewuqedile umsebenzi wakhe naye esezifunela amadlelo aluhlaza kwelingafwlwa nkonyane. Yena(uMsengi) benoMpongo nethimba labo bahamba bayokwakha eMngeni, ngaseNhlazuka.
USiyengela wakha umuzi noma ngithi isgodlo sakhe wasibiza ngokuthi kusesiMahleni. Ekukhothameni kwakhew, kwabusa indodana yakhe uNgunezi owaganwa yinkosazana kaMswati indodana kaSobhuza wokuqala. Nizokhumbula ukuthi ngithe abaseMbo nabakwaNgwane(Dlamini waseMbo) bayazalana. Kodwa uNgunezi wabe esebuqeda ubuhlobo. Kule nkosazana yaseSwazini wazala uTilingo owamiswa ukuba abe yinkosi ngumbuso waseNatali ngoba kuthiwa wasizana noBhambatha wakwaZondi.

…………………………………………………………………………….

Ukwelamana kwabakwaMkhize!
UMumbo wazala uZalankomo
UZalankomo wazala uLanga
ULanga wazala uNdlozela
UNdlozela wazala uSidweba
USidweba wazala uMdladla
UMdladla wazala uGubhela
UGabhela wazala uMavovo
UMavovo wazala uKhabazela noMbangi
UKhabazela wazala uShabase noGcwabe
UGcwabe wazala uZihlandlo noSambela
USambela wazala uMsengi owazala uMunyu
UShabase yena waala uBhambada owazala uNgangezwe, yena owazala uMqolombeni, yena owazala uMhlabanzima..
UZihlandlo kaGcwabe yena wazala uSiyengela, owazala uNgunezi
UNgunezi yena wazala uTilongo noSikhukhukhu
UTilongo wazala uNkasa
UMbangi kaMavovo yena wazala uMagabha owazala uNotshelwa noThole
UNotshelwa wazala uMthimkhulu[hhayi owaseMahlutshini]
UMthimkhulu yena wazala uNjana, yena wazala uMabhunu ,yena wazala uBangizwe
UThole yena wazala uNocanca owazala uMahawule, yena wazala Dabulamanzi
Kukhona olunye uzalo lwakwaMkhize oluseMzinto eJolivet
 
………………………………………………………………………………………………………………………….

Izithakazelo zakwa-Mkhize!!


Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omnhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel’ etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
Nina bengwaz’ emabhudle,
Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin’ enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!
Zalankomo!
…………………………………………………………………………………………

ESAKUPOSA NGAPHAMBILINI  NGOMKHIZE!!

AbakwaMkhize!!!

Badabuka eMbo, enkabeni yezwekazi laseAfrika,basuka ngaseBurundi amabombo bawabhekisa eNingizimu,bedlula ezintabeni zaseLebombo eMozambique baze bayofika kwaZulu. Ngesikhathi befika kwaZulu bebe khokhelwa inkosi uZalankomo, owazala uLanga, uLanga yena wasezala uNdlozela, yena wazala uSidweba, yena wazala uSibiside,

USibiside wayenenqwaba yamadodana, okubalwa kuwona uShange ,uMavovo nabanye. Kuthiwa wayezele namawele–uMpondo noMpondomise.
Kwathi lapho uSibiside esebona ukuthi isikhathi sokuthi akhothame sesisondele–wabe esebeka umncintiswano phakathi kukaShange noMavovo, wathi oyonqoba nguyena ozoba yinkosi. Kwanqoba uMavovo, kodwa lokho akuzange kumphathe kahle uShange ngoba phela nguyena owayemdala kanti futhi wayephuma endlini enkulu, wathi besingekho isidingo sokuthi kube nomncintiswano…
Waseqoqa imigodla yakhe wayozakhela esakhe isizwe wasibiza ngokuthi ngabakwaShange.
Ufike wazala uDumakude ,yena wazala uMdima ,yena wazala uNojobo ,yena wazala uPhangandawo, yena wazala uYamela, yena wazala uMgomo owazala uSinxi, yena wazala uKwazikwakhe okunguyena ophethe manje ezigodini ezimbili-eNkanini naseMamba, endaweni yaseShowe.

UMavovo wasala ebusa abakwaMkhize emva kokukhothama kukayise.
UMavovo uzale uKhabazela, yena wazala uGcwabe owazala uZihlandlo owabulawa yiSilo uDingane ngoba wayengumngane omkhulu weLembe.
UZihlandla uzale uMandulo, yena wazala uFaku,yena wazala uNgudla owazala uMenyezwayo uyise kaMandlenkosi osaphethe njengamanje.
Isizwe samaMpondo nesamaMpondomise siphuma kwaMkhize.
AmaLebuka(Hlengwa) namaPhambuka(Ngcongo) nabo baphuma kwaMkhize.
Kuthiwa kunendoda yakwaMkhize eyakhulelisa yazalisa udadewabo abadala bathi ibhide ekhaya,ingakho kuthiwa ngoMabhida


Izithakazelo zakwaMkhize..

Gcwabe,
Khabazela kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
Singela,
Nhlama eyaphelel’etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
Nina bengwaz’emabhudle,
Eth’isabhudla yabuye yaphinda yabhudla,
Malala amahle,
Nin’enalala nomunwe endunu,
Navuka nakhwif’ilanga,
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!
Zalankomo!!

Izithakazelo zakwaShange..

Dumakude,
Mdima,
S’bhodla bakhothe umlomo abafokazane,
Mfazi omabelemade,
Oncelisa ingane ingaphesheya komfula,
Wena ogeza ngensipho kapondo,
Mathanga abushelelezi angenangqwayimane,
Phangandawo,
Nojoma,
Owaduma ngomlenze abanye beduma ngensonyama!

Izithakazelo zakwaHlengwa..

Mashasha,
Nongubo,Shingweni,
Mlebuka,Sijamane,
Dumakude,Mbuyisa,
Ncokela!
Mngcenge.

……………………………………………………………………………………………………………

Izibongo zeNkosi uSambela kaGcwabe.

Ubongwa:: NguMncedisi kaMavovo ,ENkandla ::

 

USambula nkwezane kuvel’ilanga,

UNodum’ehlez’woMngenela,
Odumezitheniwadum’ekhaya.
Oth’esadl’eziny’ezinkomo zamakhosi
wadl’ezinye.

Udlondlwane lwakaGcwabe kade lubandlondlomele.
Wandlondlomela ezika Nomanaka,
Wandlondlomel’ezika Mande wakwaCele,
Wandlondlomela ezika Mandaba wakwaVezi.
Wandlondlomela ezaMabomvu,
Wandlondlomela ezaMachunu,
Wandlondlomela ezikaKhoza waseMambatheni,
Wandlondlomela ezika Mziki kaThoza.
Zambangela imlomo emakhosaneni,
Bathi ufun’ukuzibek’ubukhosi,
Akwaze kwaba ndaba zalutho.

Umthandi wamagodla engegodla.
Ugaqa libomnvu ngokuphathweni,ngokugwaz imhlane
yamadoda.

Ladl’umntwana esesiswini,
Ongaphandle uyosinda ngokubaleka.
Kanti ngabaleka mandulo.
Mka Fileyo,
Mka Bezwayo,Mka Hambayo,
Mka Hululu ngesisu cababa.
Sizawuvuk’umswendo njengengubo.
Ludonga lukaKhabazela
benoMavovo lokulal’ingonyama.

Usehla nempaka eweni ehamba ekleza,ethi yehlisile.
Ethi ngizoyiseng’izapholo.

UMahogo obabayo,onjengenhlaba.
ISilo sikaMgcaki sivuke eMvutshini,
Sadumuzela samudl’uMpongo ezalwa uZingelwayo,
Kepha uNtithi,
Engakaya,Wayangaphi?
Wamshaya phansi ngomkhonto,

Amakhubalo azadliwa uMzila kwabakwaZingelwayo.
W­adl’uBhudaza ngaseMdakeni,
Kwaze kwaye kwazond’uMacingwane eNgonyameni.
Ukudla akunanzondo kwabakudlayo.
Uthe esatshelw’indaba wagijimel’ehawini.
Usisikela abantu amahawu,
Umoya womzansi woMngenela,okad’uwangenela
amany’amadoda.

Igoda elikhulu lakwaMakhanda
Ekade liwahila amanye amadoda.
Wadl’uMkhabana kwabakaMpoko
Amakhubalo adliwa uGodolozi was’eManyane.
Wadl’uPhakathwayo kwabakaMpoko,
Amakhubalo az’adliwa uNgcengencenge waseManyane.
Wadl’uNomanaka wakwaNgcongo,
Amakhubalo az’adliwa uMkhulu.
Wadl’uNombombo wakwaHlele,
Wadl’uNos­engelwayo wakwaHlele.
Wadl’uNodludle waseMabomvini,
Wadl’uThonya kaGusha waseMabomvini.
Wadl’uGusha waseMabomvini,eKhomb­e 
Wabakhiph’enqabeni,kwakuyinqaba yaseMabomvini.

UMthandwa ozithandayo,
Inkunzi kaNjotheni eshoba libomvu.
Amadod’afebhekezansi kwaNxamalala.
UNgalo kanga ngangalo.
Impungushe kaMhlanganiso(uGcwabe),
Ngiyizwile ukukhonya kwaNzamela,
Ngithe ngiphapham’ ebusuku,

Ngayizw’ukukhonya kwaNdindindi.

Kwathiwa gijimani noyotshel’uBhudaza ngaseMdakeni,
Aye aval’amasango!
ISilo sigaqaze phezu kwamathongo ngezandla,

Samthath’uNomanaka wakwaNzamela;
Amakhubalo az’adliwa uJambeshu waseKuseni kwaNgcongo.
UZikwehlela zalamba,kozal’izingwenya,
Uzidlis’amadumbe,eziqathangwana.
Weza neNkosikazi yenduna okaKhombe,uMaMngcenge;egangile ethakatha!

ISihazane sikaNgalo,
Singumoya waseNtshongweni,
Usivela bahwalele emanxulumeni,
IMpungushe ezikhothayo zozimbili
EsikaDlolwayo nesikaNdindindi,
Abazingeli bakithi bazigodl’izinduku!!

IBinda Nkosi ayiqedwa!!

Bayede!Sibiside!!

…………..

 Izibongo zeNkosi  uZihlandlo kaGcwabe::

Ubongwa::: NguMncedi kaMavovo Mkhize . ENkandla :::

 
 

UMbasi wamaKlobe amabili 

ENdilindi nanguPhakathwayo 
WeNkuzi eLukhanda luMpemvu 
Nganeno koThukela 
NangaPhesheya koThukela lusenjalo!

ISibhene sikaNdaba
Esimhlan’unezindlela!
INkomo kaSomncinci
Ezitho zinhlanu!
Isigubudu sakithi saseSiJibeni,
EsimNtungwa lonzima,
Ongasaziyo angasibalekela,
Thina Mngenela sime,
Thina Sijiba singahleka silale phansi,
Sithi: “Bawuboneni uMondli okaNongamlana”

UMondli wamakhosi abuy’abhembeze:
Wondl’uBaleni obezalwa nguNomagaga wabhembeza,
Wondl’uPhakade kaMacingwane wabhembeza,
Wondl’uMbazwana,
Wondl’uBhidla babhembeza.
INdonsa ebonwe ngabavuki bokusa;
Ibonwe nguMlotshwa wakwaMgubhele,
Bathi yimbaxamatshen’injengekaMgabhi!

UBadli bekhokhwane,
Bazowusinda ngokudl’izibiba.
UNomashingila kaNdaba!
INkom’ezaz’ishoba yakoSoMncinci;
IMbabal’eMhlathi mide,
Engibeb’emhlane ngaze ngayehlisa,
NgeyawoLuzalo ngeyaSambela ngeyaZelize!

UHlolophisweni ngemvula yezinyembezi,
Ebalekelwa zinkomo zikaNomagaga,
Zibalekela ngaphansi KweMVELWENI,
Abanikazi beMVELWENI basamangele,
Okhwele ngoBhacu lungenandlela,
Eyawukhipha ezikuDlaba,
Sebeqophisen’inkani benoShaka kaSenzangakhona,Wazidla!
Udl’uSondonzima ngaseMdakeni,
Amakhubal’az’adliwa nguMacingwane waseNgonyameni!

Muthi lo siyenge ngaseMphezulu;
Wadl’uShishi kaPhinda ngasemaPhephetheni;
Wadl’uZiphundulu ezalwa nguMatomela,
Amakhubal’adliwa nguNzombane
Wadl’uSoshenge!
Amakhubal’adliwa khon’emaBomvini;
Wadl’uNguza kaNgonyama,
Amakhubal’az’adliwa nguBhidla;
Wadl’uBhodeyana kaDlomo,
Amakhubal’adliwa nguMazongwe!
Wadl’uMashukumbele kwabakaGcwabe,
Amakhubal’adliwa nguMsengi kwabakaSambela!

Wadl’uSibabili kwabakaMashukumbele,
Amakhubal’az’adliwa nguZembe kwabakhe;
Wadl’uNtethi kwabakaGcwabe,
Amakhubal’az’adliwa nguZinkindi;
Wadla uNomagwayi waseMazolweni!

UMdubelele odubel’uDube wakwaNgcobo,
Ngob’ebesidla ngesandla yena,
Yen’edla ngokhezo.

USozece!
Usozece iNdlov’edla ngonokondo,
Uzoba Mkhon’ungonondo;
Bazawuzondel’abafo.

Ulobole ngezinkomo kuNzombane,
UmntakaMatomela wazilanda ngemikhonto,
Kanti ubelobole ngazo iNkosikazi yakhe,uNina kaNdabezitha!
Wathi;zihambe nelungakazi
Zihambe nencokazi
Wathi;zihambe newasakazi;
Laduma laqaqamba kwendis’uKhwishikazi,
Lithe kagaye lihlanganise.

INduk’eMnyama kaNdaba

Ihambi Shay’iziziba,
Kwaze kwaphenduk’udaka phansi!
Uyithethe kabana ngaseMphezulu,
Wayiweza ngezibuko likaDumudumu,
Izimvubu nezingwenya Zayikhex’imilomo;
Wayiweza ngelaseMfumbeni,
Wayibuthis’ebuyeni likaMyimbana!

Wathi kabadl’amabele,
Bawadl’engavuthiw’eluhlaza.
Wawushisa owaseSokeni,
Wawushisa owaseNguga,
Wawushisa owaseMbungeni,
Wawushisa owaseHlanzeni,
Laduma laqaqamba lakhukhula,
Wash’ingoma esehub’ebuya!

Odl’uSibhenya kaSali,
Amakhubal’adliwa nguMbonjeni,
Wadl’uMbonjeni ngaseMawusheni,
Owal’ukuvunda kabili,
Wathi:”Ngeze ngavund’amabele,
Ngivunde izinkomo,
Ngivunde nabantu”!!

Ivila liwadlil’amabel’ezikhuthali,
AwoNomNdwana wakwaXhongo;
Owal’isiqikela senyama,
SasiPhuma kokaMqikela;
Wanquma uGwabimbuya,
Induna kaGayeni endlini kwaMaMchoboza!

Isithatha kancane sikaDibadlela,
Singathatha siphakamise,
Uma sikhuluma noBhambatha uMntaka Shabase kaKhabazela,
Sikhuluma noGebhula uMntaka Shabase!

Unhlamvana zaphuma ngaphansi nangaphezulu eMome,
Isihlangu sakho Ndaba semuke namanzi,

Yoni Nkosi isamngcinile ngesandla sakhe sokwehlukanisa izinto!!!

Ibinda Nkosi Yamakhosi!!!!!!

Bayede

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo