AbakwaShangase!!
Abantu bakwaShangase bahlobene kakhulu nabantu kwaNgcobo, ngingasho nje ukuthi bayinto eyodwa ngoba phela bazalwa uMkheshane kaVumezitha. UVumezitha yilona dlozi elikhulu lakwaNyuswa. UVumezitha wayenamadodana amabili, okwakunguNgcobo nomnawakhe uMkhashane.
Abantu bakwaShangase bangaMaNguni angaMaLala ngoba phela nabakwaNgcobo bayilo lolu hlobo lwabeNguni. Indaba kaShangase ivele ngesehlo esamehlela.(UMkheshane). Kuthiwa uMkheshane nomnewabo uNgcobo babekhonzene kangangokuthi omunye ubengabusi kahle emzini wakhe uma umfowabo engamboni. Kuthiwa kwathi ngelinye ilanga kubuswa nje emzini kaNgcobo, kukhona amakhosikazi kaNgcobo, kukhona noMkheshane, kwezwakala uNgcobo ebuza umbuzo oxakile kumakhosikazi, kowaba ngumbuzo owawadida amakhosikazi kwaze kwadideka noMkheshane uqobo. Wadideka wacabanga ukuthi ngabe useqiwe ukudla kakhulu yini? Amakhosikazi wona acabanga ukuthi uytazincokolela nje. Lo mbuzo oyindida wabuzwa nguNgcobo ewubhekise kumakhosikazi akhe ukuthi uma eseshonile yena la amakhosikazi afisa ukungenwa ngubani. Amakhosikazi ngenxa yokuthi acabanga ukuthi uyazincokolela nje athi azongenwa nguMkheshane. Bathi wathukuthela wagana unwabu uNgcobo wabhekisa kuMkheshane wathi, okusho ukuthi usuzongibulala ngoba uzwa abafazi bami bethi uma sengifile bazogana wena! Wabaleka uMkheshane wayocasha kubantu bakwaDube ngasoThukela. Bathi akaphathekanga kahle uMkheshane ezweni lakwaDube. Kuthiwa wathi lapha ekuzwa lokho uNgcobo ukuthi umnawakhe usengundingasithebeni ezweni lakwaDube, wathinteka enhliziyweni. Wathumela izithunywa ukuba zimlande. Uma efika umbuza umbuzo futhi ukuthi uphumaphi?? Washo ukuthi uvela kwaDube. Wathi Awu! Mfowethu, ubushangasa? Okusho ukuthi ubekade engumzulane. Kusukela lapho abantu bakaMkheshane kwathiwa ngabakwaShangase. UMkheshane uzale uThomani, yena wazala uMajola(:hhayi isibongo), yena wazala uShuku, ozale uMshiyane, ozale uNdaleka, ozale uMacebo yena ozale uZikhulu.
………………………………………….
Ukwelamana kwabakwaShangase!!
UVumezitha wazala uNgcobo noMkheshane
UMkheshane wazala uThomani
UThomani wazala uMajola
UMajola wazala uShulu
UShuku wazala uMvula.
UMvula wazala uNdaleka
UNdaleka wazala uGusha
UGusha wazala uMshiyane
UMshiyane wazala uMnguni
UMnguni wazala uMacebo owazala uZikhulu
…………………………………….
Izithakazelo zakwaShangase!
Shuku
Ndaleka
Mkheshane
Nogujwa
Thomani
………………………………………………………………………………..
Ngyabingelela kulengosi ngicela ningitholele umlando ngesibongo sakwa Ndadane ngyabonga