Incazelo ngoDakwa ( Dioscorea dregeana)

UDakwa (iNgcolo)

Incazelo ngoDakwa  ( Dioscorea dregeana)

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.UMashikizela ashiye impi yakhe.ISilo sakithi eMgungundlovu leso,iSilo uDingane.Ngethemba nisaphila nina beSilo

UDakwa (INgcolo) 

Nina beSilo le nduku eniyibonayo kuthiwa uDakwa igama layo.Kuye kusebenze isigaxa kule nduku.Siye sonyiswe ngaphambi kokuba sisetshenziswe,sinamanzi amaningi.Muhle uDakwa kwezokuvika izitha,muhle nakwezamaPhoyisa.Muhle nakwezamacala.Muhle uDakwa kwezokukhipha isilwane.Muhle kwezokucupha umthakathi.UDakwa uyangena emithini echela ikhaya,uyaliqinisa ikhaya ulivikele.UDakwa kuyachelwa ngawo ibhizinisi ukuze livikeleke.UDakwa uyangena emibhemisweni yomuntu ogula ngengqondo noma othwetshuliwe.UDakwa uyangena kwezokucupha isithandwa,wenza izigangi zivele zizumeke zilale zigcine zingenzayo lutho,zize zitholakale zisalele.UDakwa kuyachelwa ngawo ikhaya uma kuzoba nomcimbi,kuphinde kuchelwe futhi uma usuchithekile.

Khumu!

Thola omunye umlando ku You Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo