IKlwa (iJozi)

IKlwa (iJozi)

IKlwa  (iJozi)

Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.Inkomo eyakhala  eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.Ngethemba basaphila abeSilo.Ake sixoxe kancane ngohlobo lomkhonto olubizwa ngokuthi yiKlwa,olubuye lwaziwe ngeJozi.

IKlwa

Nina beSilo iKlwa wuhlobo lomkhonto olunokudla okude,bese uthi luba lufashane.IKlwa yiwona mkhonto iSilo uShaka esawusebenzisa ukuhlanganisa uZulu ngesikhathi soMfecane.Empeleni lolu hlobo lomkhonto lwalukhandelwe ukuphathwa izinsizwa ukuze zizivikele ezilwaneni eziyingozi ezifana neziNgwe,amaBhubesi nezinye kwazise iKlwa kugwazwa ngalo mahlanze,akucitshwa ngeKlwa.Amabutho amakhosi amadala angaphambilini -amakhosi amadala kuneSilo uShaka afana nawawoPhungashe Buthelezi,Zwide Ndwandwe kanye namanye ayephatha umkhonto omude ezimpini,umkhonto wokuciba.Empeleni ayephatha isixha semikhonto kanye nezinhlangu.Kuyavela ukuthi iLembe laqala ukusebenzisa iKlwa ngenkathi lisekwaMthetwha ngemvume yenkosi uDingiswayo.Kuzokhumbuleka ukuthi ngenkathi ibambene phezulu aBathethwa namaShenge ibutho leZichwe lalisebenzisa amaKlwa-imikhonto egwaza mahlanze.IZichwe zesibili yibutho lakwaMthethwa okwakukhona kulo uMntwana uShaka njengoba sazi ukuthi wakhulela khona.Kulempi kuthiwa uMntwana uShaka wabulala uMntwana uBhakuza ka Senzangakhona ngalo iKlwa leli.UMntwana uShaka wayegqishe kuBaThethwa,kanti uMntwana uBhakuza wayengakuMaShenge njengoba sazi ukuthi wayezalwa yisithole sakhona emaShengeni.Kwathi lapho iLembe seliqala ukuhlanganisa uZulu layivala indaba yemikhonto emide,kwasebenza amaKlwa.Insizwa yayiphatha iKlwa elilodwa kanye neSihlangu sayo sokuvika.Isu lokusebenzisa iKlwa layisebenzela kahle kakhulu iNgonyama uShaka njengoba sibona nansi isizwe esiwuZulu esakhiwa ngalo iKlwa.Namanye amakhosi ayasuke kwaZulu aya enyakatho nawo agcina esesebenzisa lona iKlwa.Amakhosi afana nawawoMzilkazi Khumalo,Soshangane Nxumalo,Zwangendaba Jele kanye noNxaba Msane.Wona-ke ayeselibiza ngoMdikadika.Akulona iqiniso ukuthi iSilo uShaka yisona esasungula iKlwa.IKlwa lalivele likhona ngaphambi kokubusa kweSilo uShaka njengoba sibona nenkosi uSenzangakhona yayinendodakazi egama layo kwakuNomaklwa.Kanti nezibongo zenkosi uJama ziyalithinta igama leKlwa uma zithi “thina abamaKlwa siyothatha ichoba silole”.

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo