Incazelo ngePhuphuma (Ilexi mitis)

IPhuphuma

Incazelo ngePhuphuma(Ilexi mitis)

Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.USela lintongande lawo Baleka elithabathe umshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Cha,thina sisaphila kwaSokhumalo.Nina beMbube eshoba liyisikithi lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiPhuphuma ngesiZulu,umuthi omuhle weDlozi,umuthi omuhle wenhlanhla.NgisiLungu ubizwa ngokuthi i-ILexi mitis.Kunomehluko phakathi kwePhuphuma nePhophoma,akuwona umuthi owodwa.Yomibili le mithi mihle eDlozini nasekwandiseni,ekudonseni.

Lenzani iPhuphuma ?

IPhuphuma liwuBulawu obukhulu beDlozi.Lihle kakhulu ekuhlanganiseni izinhlangothi zamaDlozi,uhlangothi lwaseKhaya koMama kanye nolwaseKhaya koBaba,uMndawe noMndiki.Kusebenza kakhulu igxolo kule nduku.IPhuphuma liyangena eMagongweni eDlozi,awokukhuphula nawokuhlambulula iDlozi. Kulo muthi kusebenza kakhulu igxolo, liyaphalaza.liyagquma liyageza futhi.Lihle kakhulu uma liqhathwe nePhakama lasoLwandle kanye nezinye izinduku.IPhuphuma lihle kakhulu ekwandiseni,njengoba negama nalo lizisho.Liyayandisa inhlanhla kumuntu olithake eNdukwini yakhe yenhlanhla yokuphalaza.Uba nenhlanhla kakhulu umuntu osebenzisa iPhuphuma,ingakho libuye lingene nakwezamaBhizinisi.Liyangena entelezini echela iBhizinisi, landisa abantu eBhizinisini.Liyangena naseZikweni leMfuyo,nakhona liyandisa.Lihle kakhulu kumuntu wesifazane onenkinga yokuchithekelwa yizisu.Kuye kubiliswe ixolo lePhuphuma , kwenziwe isiphungo esiyophuzwa umuntu wesifazane onenkinga yokuphushunyelwa izisu.Kuba kancane kakhulu ukuba aphinde achithekelwe isisu.Amacembe ePhuphuma,igxolo kanye nempande kuwumuthi omkhulu weMfiva,kuyaphekwa kuphuzwe, kuphinde kugqunywe nangakho.Igxolo kanye nempande yePhuphuma kuchathwa ngakho ingane ehlushwa yiNyoni.Kuningi okwenziwa yiPhuphuma.AmaSoka nawo alikhonze kabi kwazise vele imithi emhlophe yenhlanhla ayayithanda amaSoka.AmaSoka ayalithaka iPhuphuma eNdukwini yawo emhlophe yokuphalaza.Aliqhatha nePhophoma,uFoshela,uMusa,uVumakubangoma omhlophe,uBhubhubhu kanye neminye imithi emhlophe yenhlanhla.Ake ngime lapho nina bakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi:

Niphile nina abakaMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo