Incazelo ngoVumakubangoma obomvu
Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma.USingquma kakhulumi akanamlomo anjengoDlondwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqeda umuzi ngokunkenkeza.ISilo sakithi eMgungundlovu leso,iSilo uDingane.Nina beSilo le nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uVumakubangoma obomvu igama layo,Babili oVuma,kukhona omhlophe nobomvu.Le nduku inephunga elinamandla eliguqula inhliziyo,ngakho-ke iyakwazi ukuphalazisa umuntu iyodwa vo.
Wenzani uVuma obomvu
UVuma obomvu nawo uwumuthi weDlozi njengawo uVuma omhlophe.Wona-ke ungena ezindukwini ezibomvu zeDlozi.Muhle kakhulu eGobongweni loMndiki.Muhle nawo kwezokwakha ugazi,wona-ke ungena kwezibomvu eziqhathe oNgwavuma,uMtholo,uMaphipha kanye nezinye.Muhle uVuma obomvu kwezogazi ngoba unamandla kakhulu ekuxosheni izilwane,amabhadi,izichitho kanye nazo zonke izinto zabakhunkuli eziba iimbangela yokungathandeki komuntu.Uyalwa kakhulu uVuma obomvu,uyangena nakwezokugeza aManzamnyama ezisetshenziswa esigabeni sokuqala okuyisigaba esenzelwa ehlathini.Muhle uVuma obomvu ekuxhosheni namaphupho amabi uma uphalaze ngawo.Muhle uVuma obomvu kwezamacala.UVuma obomvu uyangena kwezokuphalaza,kwezokugeza,kwezokuncinda kanye nakwezokugcuma.Amakhasi kaVuma obomva aye ayonyiswa bese eyagaywa kwenziwe impuphu enanyekwa amanxebeni nasezilondeni.Mahle nasezimbizeni zokucija uBhoko lweSisu.
Khumu!
Thola olunye ulwazi ku You Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV.
