Incazelo ngeNhlwathi(Python\iNhlathu)
Nina baka Menzi kabongwa ngaBalandakazi,ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini.USingqila nganhloko kuzond’intamo.Ngiyababingelela bonke abeSilo enhla nasezansi.Ngethemba isaphila.Sisaphila thina kwaSokhumalo.
INhlwathi
INhlwathi yinyoka enkulu ehlobe ngamabala,eziphilisa ngokuginga izilwane,esingabala kuzo amaQhina, iziMpunzi,imfuyo yabantu,kanye nabo abantu imbala iyabaginga.Lolu hlobo lwenyoka kuthiwa yiPython ngeseLungu.Wuhlobo lwenyoka olongenabo ubuthi,noma lungaluma umuntu akafi.Ubungozi beNhlwathi busekugingeni.Kuthiwa iNhlwathi inyoka yenhlanhla,kuthiwa ibonwa ngabakhethekile, ayibonwa wuye wonke umuntu.Ngokwejwayelekile lezi nyoka zijwayele ukuhamba ngazimbili, eyomfazi neyendoda.Zijwayele ukubonwa ngaMawele,noma ngabantu abazalwa bembethe.Bathi ziyizinhlobo ezintathu,kukhona eyehlathi,kukhona eyamanzi kanye neyentaba.Baye bathi eyentaba yiyona enobuthi,kodwa eyesilisa yakhona,bathi eyensikazi ayinabo ubuthi.Angazi noma lokho kuyiqiniso na.Bathi eyesilisa incane ngesidumbu.Le nyoka ihlobe ngamabala njengoba besingishilo.La mabala iwasebenzisa lapho izobamba isilwane esuke izosidla. Isidlalisela wona la mabala,imane iwashintshantsha,isilwane silibale wukubuka ukuguquka kwamabala ayo asuke eguquka kamnandi , kanti yona ngaleso sikhathi isuke isondela kusona,Uma isizondele ngokwanele iyasgxumela isibambe ngokusithandela ngomzimba wayo,isibophe impela size sife.Isephule namathambo,kwazise bathi akumandla eNhlwathini.Ebese -ke iyasiginga.Uma isisigingile ihlala lapho kuze kufike isikhathi sokuthi leso silwane sibole esiswini.
INhlwathi kwezokwelapha
Nina beSilo iNhlawathi iyinhlanhla njengoba besengishilo.Kuthiwa ezikhathini zakudala bekuke kwenzeke iNhlwathi itheleke esibayeni sikaMnumzana kodwa ingadli ngisho neyodwa inkomo.Kunalokho ifike izihlahle,izithandelele uthango lwesibaya.Kuthiwa kwakuthi uma kwenzekile lokho uMnumzana wayehlaba eyodwa yezinkomo zakhe,bese ethatha igazi laleyo nkomo achele ngayo leyo Nhlwathi.Kuthiwa leyo Nhlwathi yayimela iDlozi,lokho kwakuwuphawu lokuthi abadala bafuna okusagazi,lokho kwakusho futhi ukuthi aBanini bezinkomo abangasaphili bebevakashele esibayeni,bezobuka imfuyo yabo.Ukuchela iNhlwathi ngegazi lenkomo kwakuyindlela yokubonga.
Amas*mba eNhlwathi
Amas*mba eNhlwathi awumuthi omuhle wenhlanhla njengoba bekade ngichaza izolo.Angena eZibungeni zenhlanhla, ezamaBhizinisi , adonsa abantu ukuba basondele eBhizinisini.Kuyachelwa futhi nangawo iBhizinisi.Ayangena futhi eNdukwini emhlphe yokuphalazela ukwakha inhlanhla, induku yemithi exube imithi efana noVumakubangoma omhlophe,uMadlozana,uQhume\uMfazothethayo,iNhlanhlemhlophe kanye neminye imithi.Uma iNhlwathi igingile ihlala endaweni eyodwa kuze kubole isilwane esuke isigingile,kubole namathambo aso.Uma sesibolile iyasinya, inya amasimba amhlophe okusuke kungamathambo aleso silwane.Lawo mathambo uma etholwe umuntu uye awomise, uma esomile -ke,uye awagaye abe yimpuphu emhlophe okuyiyona azoyisebenzisa njengomuthi wenhlanhla.
Amafutha eNhlwathi
Amafutha eNhlwathi mahle ekwelapheni isilonda noma izilonda ezibhibhayo ezingapholi.Uma kuthathwe amafutha eNhlwathi agcotshwa esilondeni esingapholi,esopha amanzi, sivele sivaleke thaqa. Amafutha eNhlwathi mahle futhi nasemfuyweni .Kuthiwa uyawathatha amafutha eNhlwathi uwahlanganise noboya beGalipiki.Bese uthatha udengezi ulufake amalahle avutha bhe, bese uthela wona amafutha eNhlwathi ahlanganiswe nobuya beGalipiki,ukushise , ushunqisele ngakho imfuyo yakho.Kufuneka uqinisekise ukuthi ithuntu iya ngqo emfuyweni yakho.Bathi yanda kakhulu imfuyo,yanda ngalendlela emangazayo.Izinkomo zanda zibe uChibidolo obulala inyoka.IGalipiki wuhlobo lweGundane olufuywayo,olubuye lwaziwe ngeGwinsi
Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi:
