Incazelo ngeNgcotho(INcotho\iNcotha\Boophone disticha)

INgcotho.

Incazelo ngeNgcotho(INcotho\iNcotha\Boophone disticha)

Nina bakaBhusha ka Nayifi leNduku eniyibona esithombeni ibizwa ngokuthi yiNgcotha ngesiZulu,noma iNcotho,noma iNcotha.Intelezi enhle kakhulu lena,eletha eningi inhlanhla nxa itshalwe ekhaya.Ivimbela abathakathi nemimoya emibi ukuba kungangeni ekhaya.Iyangena ezintelezi zokuchela ekhaya.Ibuye ibe wumuthi wamanxeba,umqotho wayo uvuvuzelwa enxebeni elophayo noma esilondeni esibhibhayo sivele some nkwe isilonda.Lo mqotho muhle nasemathumbeni.Le ntelezi ibuye ibe yisithobo sezenyelo.Kuningi ekwenzayo iyangena eNdukwini yaMafufunyana phecelezi iZizwe.Endulo ngesikhathi kusasokwa,yayisetshenziswa emanxeni abafana.Kwakubuye kuhlanzwe ngayo oNgiyane,iziNduku,amaHawu,nokunye.

Ukujula kweNcotho

Lona wumuthi ojule kakhulu.Mhlawumbe abaningi bethu siwazela ekuvaleni amagula,kodwa ubuye ube umuthi ongena kakhulu kwezithinta iZidalwa.Lo muthi uyangena emibhemisweni yoThwasa abayibhemela ukushaya emhlolweni uma bebhula.Lo muthi uyabacija oThwasa babe bukhali,ubenza bengawalibali namaphupho.Ubuye usetshenziswe kakhulu nayiZangoma ezihlola ngeSibuko.Kuthiwa nawe muntu phaqa uma ufuna ukubona izinto ezifihlakele ungawusebenzisa lo muthi,ubilisa isigaxa sawo bese uyawuphuza kancane ngeSikali esilingana noKhezo lokudla.(Engathi ungawubilisa uchithe amanzi amahlandla amathathu ngoba uyadakana lo muthi).Uma usuwuphuzile , gqolozela udonga lwendlu,bathi ubona izinto ongakaze uzibone ngaphambili,bathi ubona noKhokho bakho ongabazi nakubazi.INgcotho ibuye ingene naseNdukwini yokhanda aBalozi mbumbulu kodwa abashaya emhlolweni uma bebhula.Kuleyo ndawo iye igiye kakhulu namafutha eGalukini.INcotho uma uyifake otshwaleni buba bukhali kangangokuthi lowo obuphuzile uze alahlakelwe ingqondo. INcotho isetshenziswa yibona bonke abantu lapha eAfrika esemazansi.Abanye bayayithaka iNcotho ezimbizeni,kodwa kuye kube kuhle kakhulu ukuba uma uyipheka uwachithe amanzi ayo asebilile ukuze uyithene amandla, uwachithe impela mhlawumbe amahlandla amathathu. NgesiSuthu iNcotho kuthiwa yiKutsana yanaka.NgesiPedi kuthiwa yiLeshoma. AbeTswana bona bayibiza ngoMotlatsisa.Lena eSwazini bawubiza ngokuthi iNcumbe.Kanti kwaXhosa khona bawubiza ngokuthi iNcwadi,naleli eliNcotho nalo liyasebenza.Nangaso isiZulu ubuye ubizwe ngeNcwadi.Amanye amagama emithi  kusuke kuyizihasho zemithi.INcotho ibizwa ngokuthi iBoophone disticha ngokulimi loSosayensi,phecelezi Botanical name.NgesiNgisi ibizwa ngeFan-leaved Boophone,noma Century plant,noma Poison bulb,noma Sore-eye flower.

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

Niphile nina bakaNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha isiBhamu , zinjengezabeSuthu bakoFebane!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo