Incazelo ngoDumbasibumbu(Lithop plants)
Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade.Ngethemba basaphila abeSilo.Esithombeni nina beSilo wumuthi omkhulu wamasoka akhohlakele,ubizwa ngokuthi,uDumbasibumbu,noma uDumba ka Sibumbu.NgesiLungu kuthiwa iLithop Plants,noma Lithop stones.Lo muthi amasoka awukhonze kabi.Wenza izinto zenzeke.Baye baawugxobe,uma sebewugxobile bayaweneka uze wome.Uma sewomile baye bawuthake kwiSikhahlamezi.ISikhahlamezi iNduku ekhohlakele yamaSoka eye ifakwe ebhodleleni elincane okungafanele nangephutha lingene ekhaya lelo bhodlela.Amasoka akhohlakele aye azigcobe izandla ngeSikhahlamezi bese eyothinta intombi asuke eyilangezelele ngokocansi.Uma eseyithintile noma eseyixhawulile leyo ntombi iyovele ishiselwe yigazi nayo ilangazelele ukuya ocansini nalowo mfana osuke eyithintile.KwiSikhahlamezi kusuke kuthakwe amafutha eMvubu yensikazi esencane noma aweNdlovu yensikazi nayo esencane,uZeneke,uZekani kanye nezinye izinduku.ISikhahlamezi babuye basisebenzise uma bezoyobonana nentombi noma izintombi abasuke bezigaqele kodwa zibehlula.Isoka elisebenzise lo muthi uma lihlanganisa amehlo alo nawentombi intombi ivele ixegelwe isimilo ,ilangazelele ukuya nalo ocansini khona lapho.Amasoka abuye aphalaze nangawo lomuthi, awuthaka kwezimhlophe, esingabala kuzo uVelabahleke,uMusa,uVumakubangoma omhlophe, uNginakile,iNhlanhlemhlophe,uZeneke,uBhubhubhu,uMadlozana kanye neminye imithi emhlophe.(Awuphalazi ngayo yonke lemithi engiyibalile, ukhetha embalwa).UDumba uyangena nakwiZikhafulo zamasoka,uyagquma futhi ubuye ugeze,ugezele ukuthandeka.ISikhahlamezi siyingozi kakhulu kufuneka uqaphele uma uzosisebenzisa,kufuneka uqikelele impela ukuthi awusithinti isihlobo sesifazana futhi ungazithinti izingane zakho zamantombazana.Le mithi amaLithop plants izinhlobonhlobo eziningi,kuthiwa zingama 35.Futhi iyehluka ngemibala.Uma kusehlobo lo muthi uqhakaza izimbali ezimhlophe,ezinhle.Abantu besifazana nabo bayawusebenzisa,bawusebenzisa ukwakha iSibambelelo.Kuthiwa indoda kayiphunyuki kubo,uma bewusebenzise kahle.
Khumu!
Ngena kuYou Tube osihloko sithi Kholo Khumalo TV ufunde kabanzi ngeKhubalo.
