Incazelo ngeNyathelo(Platycapha glomerata

Platycapha glomerata

Incazelo ngeNyathelo(Platycapha glomerata

Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini,iSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni{kwabaMhlophe, oPritorious}.Le Nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi yiNyathelo,akuyona iMboziso lena.IMboziso ibizwa ngeFennel plant ngesiLungu.Kodwa uma le Nduku niyibiza ngeMboziso ngakini cha kulungile ayikho inkinga.Nina beSilo uma ungumuntu wesifazane onenkinga yenzalo,awukwazi ukumumatha,ake uthathe izimpande zoGobho ,ezikaNsukumbili uzihlanganise nezeBhuma,ugxobe ugxobe bese uthela amanzi ayi-Litha elilodwa noma ngaphansana nje kancane,bese uyazipheka lezo zimpande okwesikhathi esingange Hora.Bese uyazephula eziko , uzilinde ziphole,bese uphuza iNgilazi eyodwa ngosuku okwezinsuku ezintathu.Uma usukwenzile-le thola lo muthi osesithombeni,kuthiwa yiNyathelo igama lawo,ngesiLungu kuthiwa yiPlatycarpha glomerata.Ikha amakhasi awo alingene nje,uwagxobe,ugxobe ugxobe bese uthela amanzi abandayo, ulinde nje kuhlangane okwesikhathi esiwu30 minethi.Emva kwalokho bese ucwenga kahle ngeNdwangu yeLineni, uphuze iNgilazi eyodwa,bese omunye umuthi osele uchathe ngawo.Lokho kwenze ungakashayi uThwalofu bebade.Bese ulinda uBaba afike ntambama ngiyakutshela izodlala iTV.Uzozizwa nawe mani,uzozwa ukuthi cha kukhona umehluko ngawe,imizwa izovuseleleka uzizwe ulangazelela inkonzo yabadala ngendlela exakile.Kodwa kubalulekile ukuba ucele uBaba ukuba azicije phela naye ngokudla ezakhe iziNduku.Ngoba phela kuyenzeka ukuthi inkinga ingabikho kuwe,ibe seNhlokweni yomuzi.UBaba engadla izimpande zoQonsi eseziyimpuphu,azidle ngobisi uma evuka ekuseni ngenkathi nawe usebhizi ngezakho iziNduku.Uma engalutholi uQonsi,engathola iziMpande zoMdubu,noma ezikaDlutshani,noma ezaMasethole nazo zilungile.Kodwa uQonsi yilona olumandla kakhulu.Luqinisa uBhoko lweSisu,lwandise neSIidoda.Le mbiza yakho yokuqala okuwuGobho neBhuma ivula imithambo yegazi,inhlanze iSibeletho,ivuselele yonke imizwa.INyathelo lona abantu balazi njengomuthi wemikhuhlane kepha libuye libe yiNtelezi,alizwani nobukhunkuli,liyabunyathela ubukhunkuli.Uma kuwukuthi ukuvaleka kwenzalo kwakho kunobukhunkuli phakathi buyogxotshwa bonke lobo bukhunkuli,bugxotshwa yiNyathelo.Isiphungo seNyathelo sibuye sibe wumuthi wenyongo,sichitha chitha yonke inyongo,ezibindini amaphashini,eqolo kanye naleyo esisabalale yagcwala wonke amalungu omzimba.INyathelo liyangena nakwezokuchathela ukukhipha inyongo.Inyongo nayo iyaba nomthelela wokungamumathi.INyathelo libuye libe lihle ekubulaleni izintwala zeNgulube uma ugqume ngalo liqhathwe noMvuthuza.Kuningi okwenziwa yiNyathelo.Uma kuzoba noMcimbi ekhaya kuye kuchelwe umuzi ngeNyathelo ukuze nalabo abazoza ngobubi banyatheleke,nezigebengu nazo zingalwi, zihlale phansi zibambe umthetho.Uma kade uboleke umuntu imali , uma eseyibuyisile,uma uyisola leyo mali,usola ukuthi isetshenziwe, gxoba amakhasi eNyathelo uthele amanzi uchele leyo mali ngaphambi kokuba uyisebenzise.

Khumu!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV ‘

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo