Isende lenja (Cucumis africanus)

ISende leNja

Incazelo ngeSende leNja

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana.Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade.Ngethemba isaphila. Cha , thina sisaphila kwaKhumalo .Isende lenja  umuthi cishe esiwaziyo sonke.Isimila esimila kuzo zonke nje izindawo , ezindaweni ezakhele abantu , kanye nasendle, NgesiXhosa kuthiwa uMathangazana, ngesiPedi iSende lenja libizwa ngoMonyaka , kanti ngesiLungu kuthiwa yiAfrican Cucumis.Lona wumuthi omuhle kakhulu ekuvuseni induku , unguMvusankunzi .Uyakwazi ukusebenza uwodwa vo.Kusebenza kakhulu isithelo kulo muthi . Siyachatha.Ungasithaka nezinye izinduku uma uthanda .Kodwa uma sisetshenziswa kudingeka ukuba umuntu aqaphele kakhulu ngoba uma kuke kwangena inhlamvu umuntu angafa nokufa.Lo muthi ufana ncamashi neNtuma,nayo iyingozi uma kuke kwangena inhlamvu . Ngakho-ke kudingeka ukuba umuntu aqaphele uma ezosebenzisa lezi zithelo ngenxa yobungozi ezinabo.Kudingeka umuntu aqikelele impela ukuba imbewu ayedluli uma ecwenga, noma esefa umuthi . Isithelo seSende lenja siye sixovwe ngamanzi afudumele bese sicwengwa umhluzi ngeNdwangu yeLineni ecolisekile kuchathwe ngaso insizwa enenkinga yobuthuntu beMbazo,noma yokungazali. Isikali akufuneki sedlule elungeni lesibili lomunwe oyinkomba , ngoba ubuye ube nobungozi kakhulu lo muthi uma usetshenziswe ngokweqile , noma usetshenziswe budlabha. ISende lenja libuye libe lihle kakhulu ekwelapheni umuntu onenkinga yokuvuvuka kwamankwahla. Lona wumuthi omuhle kakhulu , odinga ubunono lapho usetshenziswa,ufana neNtuma. Insizwa echathe ngalo muthi iba bukhali kabi embhedeni, iyephuza ukumdedela uMlingani wayo uma becimbiza eKamelweni,kanti nenduku nayo iqinisa okokhuni.Kugcina kukhale yena uNkosikazi,ngenxa yokukhathala.Ilokhu ila insizwa ngoBhoko lweSisu. ISende lenja lihle kakhulu nasekwelapheni iDilobhu, kanye nazo zonke nje izifo zocansi.Liyangena futhi nasentelezini egeza umuntu wesilisa uma ezongena uMfelokazi.Leyo nduku ibageza bobabili ,uMfelokazi kanye nalowo Mlisa osuke ezongena uMfelokazi, Abayi ocansini bengageziwe ngoba kuthiwa uMfelokazi uzosuka athelele uMlingani wakhe omusha ngeBhadi , okungaholela ekushoneni kwakhe naye. ISende lenja liyangena naseNdukwini yokuphalazisa izinja.**Amakhasi eSende ayiMfino enoMsoco omuhle evuselela amandla amaSosha omzimba.Kanti wona amakhasi abuye abiliswe abe yiSiphungo esishisa izilonda ngaphakathi emuntwini.Ake ngime lapho nina beZulu eliphezulu . Baphile abakaNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!

Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo