Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni, uSongobese wamakhanda inkomo yanganene iyakuthengana nayiphi na eNenekazi ? Iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni.
UQonsi
UQonsi wumuthi omuhle ekuloleni imbazo ebuthuntu kowesilisa. Lo muthi umandla kakhulu kangangokuthi usetshenziswa yizo zonke izinhlanga , nabaMhlophe imbala . NgesiLungu ubizwa ngokuthi Eriosema kraussianum. Lo muthi uyachatha , kanti uyaphuzwa futhi . Lena inkosi yayo yonke imithi yeMvusankunzi. Uyangena nasembizeni ephuzwa wumuntu wesilisa noma owesifazane onenkinga yenzalo .Kusebenza izingxabu kule nduku. Lo muthi ungeminye yemithi ekwaziyo ukusebenza iyodwa vo , ingaqhathiwe neminye. Eminye imithi ekwaziyo ukusebenza iyodwa uMdubu noDlutshani . UQonsi lwenza induku yensizwa iqinise okokhuni, kanti futhi insizwa ephuze uQonsi iyephuza ukuchitha lapho icimbiza nowakwayo. Kugcina kukhale yena uMame , akhale ngokukhathala . Lwandisa nesidoda ensizweni, lusishubise. Le nduku iyangena futhi nasemithini ethakelwa insizwa enenkinga yenzalo . Induku enhle kakhulu lena ekuvuseni induku, futhi ekwaziyo ukusebenza iyodwa . Uma ufuna ukuyipha amandla usungayiqhatha-ke nawo uMdubu , uNdabingehle, uDlutshani , kanye niminye imithi . UQonsi nalo luyadliwa nangobisi , noma ngomhluzi wenyama enganonile. Eminye imithi edliwa nangobisi noma ngomhluzi wenyama uMdubu , uDlutshani, uMoringa Powder kanye neminye. Lo muthi uyakwazi ukutshaleka uma ube nenhlanhla wathola imbewu yawo . Uma unayo indawo evulekile ungawutshala, bese uzenzela ibhizinisi lokuwudayisa ngoba ungomunye wemithi enokusilela laphana eFaradeyi. Ake ngime lapho nina bakaMkhwamude owangisika isilevu , uSungulo olude lwangithunga impumulo! UMashikezela ashiye impi yakhe
Khumu!
