Incazelo ngoNginakile

UNginakile

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili , iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana , uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!! #ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane! Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu …….*Le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uNginakile igama layo . Anginaso isithombe sesihlahla sayo , kanti futhi angilazi igama layo lesiLungu. Thina siyithenga eFaradeyi , isiqotshiwe .

Yenzani le Nduku ?

Nina beSilo ngokwami ukubona le Nduku iyinkosi yeziNduku zoBulomo . Ngihlezi ngizwa izinsizwa zincoma oLozilina , oMkhanyakude kanye nezinye kodwa angikaze ngizwe noyedwa encoma le Nduku. Le Nduku iyalwakha uGazi nina beSilo , kuvele kuzicacele uma umuntu ephalaze ngayo, imiphumela ivele ibonakale ngokukhulu ukushesha . Kusebenza impande kule Nduku. Le Nduku uma uyiphehla ngothi lwePhahla ikhipha igwebu elikhulu , elihle elifana nelikaBhubhubhu neloQhume . Le Nduku ingena ezihlanzini ezimhlophe esingabala kuzo uVumakubangoma omhlophe , uQhume (uMfazothethayo, iNhlanhlemhlophe , uBhubhubhu kanye nezinye. Le Nduku iwuBulawu kahle -hle, ilihlela kahle igazi kumuntu osuke ephalaze ngayo , iqede amabhadi iphinde ixoshe namaphupho amabi. Uyathandeka umuntu osebenzisa le Nduku. Negama layo liyayichaza le Nduku, uyanakwa umuntu osuke esebenzise le Nduku.. Le Nduku ithandwa kakhulu ngamaSoka. Ayaphalaza ngayo , abuye ayithake naseZikhafulweni , ayayithaka kwezokugquma kanye nakwezokugeza . Le Nduku ingakwenzela izimanga iyodwa vo uma uphalaze ngayo waphinde wageza ngayo iyodwa vo , isakhiqiza iGwebu. Le Nduku iyathakwa nasemithini yokulanda isithandwa , imithi eyiZikhafulo. Nokho yona isetshenziswa kakhulu ekuphalazeni . Iyangena futhi naseGobongweni elimhlophe leDlozi . Ziyikhonzile iZangoma noThwasa .. Uma uyidinga le Nduku ungaya uyoyilanda eFaradeyi , ithe chithi saka .

Khumu!!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ..

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo