Incazelo ngemithi ebethela izulu

UMnqandane ungomunye yemithi ebethelayo

Nina beMbube enamandla abantu bakithi babenezindlela zokuzivikela ekushayweni ngumphezulu, bengakafiki abelungu nezikhonkwane zabo ezinde zikagesi . Kwakunezinyanga okwakuthiwa ezezulu .[izinyanga zezulu ezinjengoMphazima kaLanga wakwaNkosi Mntungwa ] Lezo zinyanga zazingongoti ekubetheleni izulu. Ulwazi lwemithi yezulu lwalusukela ekutheni abantu bakithi babeyazi imithi noma izihlahla zasendle ezazingashaywa umphezulu. Lemithi elandelayo ingeminye yemithi engashaywa umphezulu . Kulo Mbhalo ngizothinta nezilwane ezithakwayo uma kuthakwa imithi yezulu.

 

 

UMnqandane(Bluebush\Monkey plum)

UMnqandane nina beSilo yilo muthi eniwubona esithombeni sale Post. Lo muthi awushaywa umphezulu. Uyangena -ke emithini yokubethela izulu ukuba lingagadli ekhaya .Futhi akuvamisile ukub a usale . Bayawazi abafana abelusayo, bacasha kuwona uma linolaka. Lo muthi ubuye ungene nasentelezini egeza aManzamnyama. Uye weqhawe noMantingwe, uMviyo, uQeduhlobo kanye neminye imithi.

UMbinda \ ISibinda

 

UMbinda nawo ungeminye yemithi engalothwa umphezulu. Ubuye waziwe ngele Sibinda .Uyathakwa nawo emithini yezikhonkwane zezulu

UMkhoma\ UMdlovu\uMzimuka

 

Lona ngumuthi okhula obe mkhulu impela ulingane nandlu. Utholakala kakhulu lena enyakatho koVenda nakoSoshangane. Nawo awuthintwa umphezulu kangangokuthi abantu basenyakatho eNdulo babeze bawubhoze , bawenze iNdlu abayokhosela kuwo uma seliduma. Lo muthi uthela izithelo ezimnandi ezidliwa ngoBisi noma ngamanzi. Ixolo lalo muthi liyathakwa emithini yokuvika izulu.

IMinza

Iminza yisihlahla esimila sibe yisixha . Kuyenzeka sikhule sibe amamitha ayishumi ,ngokuvama asidluli emamitheni amathathu . Sinamaxolo omile ngaphandle ,avavekile kwehle ngesiqu .Amaxolo aso ampunga ngokuphaphathekile .Amaqabunga alo aluhlaza ngokucwebezelayo .Amila ngokushiyana esiqwini segatsha .IMinza liqhakaza kusukela kuMbasa kuya kuNcwaba .Liqhakaza izimbali eziningi eziyisihlekehleke .Ezalo izimbali zimila ngisho esiqwini nasemagathseni . Ixolo le Minza kanye neNgxabu kuyathakwa emithini yokubethela izulu kwazise lo muthi ungeminye yemithi engashaywa umphezulu.

UGebeleweni

Lesi sihlala sikhula sithandele izihlahla ezinkulu, noma sigebele  eweni yingakho kuthiwa ugebeleweni . Izingxabu zalesi sihlahla ziyathakwa emithini yokubethela izulu. Kanti futhi lesi sihlahla sibuye sibe yintelezi yokucupha abasokoco.

INsingizi\iNgududu

INsingizi uhlobo lwenyoni olukhulu olungaphezu kwenkukhu yesiZulu. Le Nyoni yaziwa ngokuthi iyinyoni yeZulu. Kuthiwa uma ike yabonakala noma yezwakala ikhala lisuke selizoyithela imvula. IziNsingizi zihamba ziningi , zidla iziNtulo , iziMfudu kanye nezinye izilwanyana. UPhaphwe lweNsingizi luyangena ezikhonkwaneni zeZulu.INsingizi ibuye yaziwe ngeleNgududu.

IQhimilili\iBanda

IQhimilili uhlobo lweNtulo olunekhanda eliluhlaza owesibhakabhaka. Lolu hlobo lweNtulo luthanda ezihlahleni . Kuthiwa ludonsa uMphezulu.Ngakho-ke uma luke lwabonakala eduze nakhaya kudingeka lubulawe. AbeLaphi beNdabuko bayalithaka iQhimilili entelezini yokuvika uMphezulu

Ezinye izihlahla ezibethelayo

Kuyamangaza ukuthi izihlahla ezaziwa ngokuthi ziyizihlahla ezithandwa uMphezulu yizona kanye ezibuye zisetshenziswe eNdukwini yokuvika iZulu. Izihlahla ezifana noMkhanyakude , uMunga , uMtholo kanye nezinye . Ziningi izihlahla ezivika umphezulu singabala nezinye ezitshalwayo emaThinini ezifana noMathithibala , iMpundu kanye nezinye .

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo