Incazelo ngoGumtree (Eucalyptus tree \Eucalyptus globulus,uMdlavuza)

Amacembe ka Gumtree

Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! UVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi eSiswini! #ISilo uDingane leso! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nbasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uGumtree igama layo . Abantu abakhuluma isiNguni baye bayiteketise ngokuthi iyiNdlumithi ngenxa yobude bayo. Le Nduku ibuye yaziwe ngoMdlavuza ngenxa yokungena kwayo kakhulu eziMbuzeni zoMdlavuza, iziMbiza ezidambisa amandla oMdlavuza. Ezikhathini zakudala kwakwakhiwa oDazibhomu bezinqola ngalo muthi .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo amacembe ale Nduku anamakha amnandi , awumuthi omkhulu weMfiva . Kuye kugqunywe ngawo kugqunyelwe ukuhlakaza iMfiva nokuvula isifuba esivalekile sivalwa iMfiva, aqaqa namakhala avalekile evalwa iMfiva. La macembe abuye agandwe  ebese ethelwa amanzi afudumele bese kuphuza umuntu oxakwe iMfiva. Inhlamvu yale Nduku iye ishiswe odengezini ishiselwe ukuxosha oMiyane. Amacembe nexolo lale Nduku kuyangena emithini egezela iphinde igqumele ukususa amathunzi amnyama. Amacembe ka Gumtree ayangena emithini okwehliswa ngayo amandla oMdlavuza , lezo iziMbiza eziphuzwayo. Ixolo likaGumtree lihle kabi ekuvuleni iSithunywa esivalekile esingasakhulumi, liye lithakwe neminye imithi, kuphalazwe kubuye kugqunywe ngalo. Ixolo lale Nduku lihle nasekukhuphuleni amandla eminye imithi, lisebenza njengePhakama, ngingasho nje ukuthi livala isikhala sePhakama. AmaPhakama yilezihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu. Lo muthi muhle kakhulu kwezithinta uMdlavuza, kuyileso sizathu ubuye ubizwe ngoMdlavuza. Lona wumuthi obalulekile kodwa owedelelekile. Amacembe awo kwenziwa ngawo uOyela weMfiva i-Eucalyptus oil .Lena Phesheya kweziLwandle  kwenziwa ngawo ama-Tea Bags ,iTiye eliphuzelwa umkhuhlane

Khumu!

Niphile nina abeHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu! Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi .

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo