Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu , uNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! #ISilo uMdlokombane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu, cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla wamashumi amabili nesishiyagalolunye kuNcwaba(29 Agasti) onyakeni ka 2023. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo ubizwa ngoTshalwa bezinyoni, izimbali zawo zithandwa izinyosi kanye nezinyoni,nabantu bayazithanda,zinoshukela,zimnandi. Lo muthi ubuye ubizwe ngoMvomvo, noma ngoMunyane, noma ngoMcwili, waziwa kakhulu ngalo eloTshwalabezinyoni, nokho miningi imithi ebizwa ngoTshwalabezinyoni, noBukhwebezane nabo bubizwa ngalo lelo gama ngoba nabo izithelo zabo zithandwa zinyoni.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo le Nduku ingumuthi omkhulu esizweni sikaZulu , isitshenziswa ngezindlela ezahlukahlukene.Abanye bayisebenzisa njengeNtelezi exosha omoya ababi ezinganeni. Ingena kakhulu kwezithinta abantwana abancane. Izimpande zale Nduku ziye zigxotshwe zibe impuphu ethakwa nobisi kuchathwe izingane uma ziphethwe umkhuhlane ophathisa umntwana ngesisu. Isithombo sale Nduku kuye kugqunywe ngaso , kugqunyelwe amehlo abuhlungu akhalisa izinyembezi. Kubuye kuconsiselwe nenkovu yamakhasi ale Nduku ehlweni noma emehlweni abuhlungu , akhala izinyembezi. Amakhasi abuye abiliswe kwenziwe iSiphungo esihle kakhulu kubantu abaphethwe izifo ezingaMahlalakhona, ezifana noHIV, iSifo senhlinziyo, uHlangothi ,uShukela, uMdlavuza kanye nezinye. Lesi Siphungo sihle nasekulawuleni uMfutho wegazi ophezulu noma ophansi(High blood pressure , or Low blood pressure) . Lesi Siphungo sihle nasenkingeni yokuhaya komphimbo noma ukusha kwezwi( Laryngitis), sihle nasenkingeni yokungahambi kahle kwegazi emithanjeni(Bad blood circulation). Le Nduku yinhle nasekwelapheni iBala enganeni , iyangena ensizini egcatshelwa lapho kukhona ibala enganeni, iyangena futhi nakwezokuxosha oMoya ababi enganeni, iyachela , iyageza.
Khumu!
Niphile nina abakaTshwala bukaGologo babungaphguzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane! #ISilo uMpande leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.
