Incazelo ngenyoni iGwababa(Crow\Raven)

AmaGwababa

Nina abakaNowela muva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxixweni amaXhegu ayosala emizileni! #ISilo uMpande leso! Nina abeSilo ake ngibingelele enhla nasezansi,ngethemba basaphila abeMbube eshoba liyisilikithi. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo ake sibheke inyoni iGwababa. Le nyoni iyizinhlobo ezimbili. Kukhona inhlobo emnyama bhuqe , edume kakhulu ngeleWabayi, ibuye yaziwe ngeNgwabazane , noma ngeNgwababa. Le nhlobo ibizwa ngeCrow ngesiLungu, noma ngeRaven. Lolu hlobo lwenyoni ludume ngenhlaninipho. Kuthiwa luhlakaniphe kakhulu , luyakufihla ukudla kwalo , lukuthukuse , lukuthukusele ezinye izinyoni noma izilwane. Zombili izinhlobo zamaGwababa zidla inyama , zidla kakhulu osekuzifele , ziyantshontsha futhi lezi zinyoni , zintshontsha amaqanda kanye namaphuphu ezinye izinyoni. Inhlobo yesibili yilena esiyaziyo sonke , enombala omhlophe entanyeni sengathi ifake ukhoholo. Yiyona kanye le nyoni eyaziwa ngalo igama le Gwababa, kodwa empeleni zombili lezinhlobo zingamaGwababa.Le nyoni kahle -hle ibizwa ngokuthi iyiGwababa elimseka(Pied Crow). Le nyoni yiyona entshontsha kakhulu amaqanda ezinkukhu emakhaya abantu, iwuhlupho kakhulu, intshontsha nenyama yoMqwebu uma yenikiwe , ithathe ibaleke iyodla namaphuphu ayo. Le nyoni ibuye yaziwe ngoHubhulu. NgesiLungu ibizwa ngePied Crow.Nina beSilo engingakusho wukuthi umuntu usuke engaphambukile uma ebize iWabayi ngeGwababa ngoba vele liyiGwababa.

IWabayi(Crow\Raven)

Le nyoni nina beSilo bathi ihlakaniphe kabi , yiyona kanye le nyoni okuthiwa yathunywa nguNkulunkulu ukuba iphathele noma ihambisele uElijah isinkwa ngenkathi ebhace emigedeni yezintaba(Amakhosi wokuqala 17 vs 6\1Kings 17 vs 6) . Kuthiwa ihlakaniphe kabi le nyoni, kuthiwa ayikhohlwa.Lena nina beSilo yinyoni ejule kakhulu futhi kuningi okushiwoyo ngayo. Kuthiwa uma uke wayiphazamisa noma iphazanyiswe yisilwane thizeni bathi ibamba igqubu. Bathi umqondo wayo ukhaliphe kabi ngangokuthi iyazazi nezilwane eziwuhlupho empilweni yayo, bathi nokudla kwayo iyakuthukusa. Kuthiwa le nyoni inemizwa efana neyomuntu kangangokuthi lezi zinyoni ziyalila uma kufe enye yazo. Bathi ziyakhala impela lezi zinyoni uma kufe enye , zizile nokudla . Ezinye izilwane okuthiwa nazo  ziyalila uma kufe esinye -yiziNdlovu. IziNdlovu-ke zona bathi ziyayingcwaba noyingcwaba enye uma ifile. AmaWabayi wona kuthiwa  kuningi akwenzayo , okungenziwa ngezinye izinyoni. Bathi nokusebenzisa ikhubalo kungenye yalezo zenzo. Ukwenzisa kwazo okwabantu yikhona kanye okwenza abantu belaphe ngazo. Kuyavela futhi  ukuthi endulo kukhona abantu abangamaNguni ababewafuya amaWabayi\amaGwababa. Abanye balabo bantu yinkosi uMpongo yakwaNdlovu eyagcina ixabane nomakhelwane wayo inkosi uMacingwane yabaseMachunwini ngoba inkosi uMpongo yayifuye amaWabayi amabili, kuthiwa abantu bendawo bagcina bakhala ngokuthi inkosi uMpongo iyathakatha. Enye inkosi eyayifuye amaWabayi inkosi uMlotsha ka Siwela yakithi . Kuthiwa iWabayi lijule kakhulu liyakwazi nokwenza noma ukukhanda ikhubalo . Uma lizala lizalela endaweni enamaWa, indawo okungelula neze ukuba abantu bafinyelele esidlekeni sayo .Uma kwenzekile wayibona leyo ndawo noma leso sidleke lokho kuyoba ukushintsha kwempilo yakho.Ngezizathu ezithile angiz’ukujula kakhulu kuleyo .Ngizothinta kakhulu kwezokwelapha. Nina beSilo  ubuchopho beWabayi buyangena eMibhemisweni yengane esheshe ilibale izinto , buye buthakwe nezilwane ezifana noChakide , uSingalwesalukazi kanye nezinye iziNduku. Buyasebenza futhi bobodwa vo. Sonke isidumbu seWabayi siyangena ezinsizini ezikhothwa umuntu wesifazane  owavalwa inzalo , evalwa ngabathakathi. Phela bathi iWabayi lizala lize liyofa. IWabayi liyangena kuMabutho athunywa ukuyolwa nokuyolanda. IWabayi lihle eMibhemisweni yokubhula , kanye nokuhogela . Lihle kakhulu iWabayi ,lingena ezinsizini ezahlukene.

IGwababa(Pied Crow)

Nina beSilo akukho okutheni engikwaziyo ngale nyoni ngaphandle kokuthi ingena kakhulu emithini esetshenziswa ngabantu abagangayo, amasela , ayithaka kakhulu noDonsi lweMpisi kanye neminye imithi. Nayo le nyoni ihlakaniphile ngoba ngisho noma izontshontsha amaqanda , iwantshontsha ngokujuma,iyabheka , uma umuntu engena endlini yona ivele iye ngokushesha eHokweni lezinkukhu, noma  endaweni enento esuke ifuna ukuyintshontsha. Iyamelusa umuntu, futhi isuke yazi kahle lapho kukhona into efuna ukuyintshontsha . Intsha yamanje iye ibize uvalo ngeGwababa, noma ngeNgwababane okungamagama le nyoni ebuye yaziwe ngawo. Kahle -hle ngesiZulu umuntu uma enovalo kuye kuthiwa uneNyoni ,noma uneTwetwe. Le nyoni nina beSilo izalela endaweni ephakeme kakhulu ngisho nasezigxobeni zikaGesi , iyaqinisekisa ukuthi umuntu akafinyeleli kalula esidlekeni sayo.

Khumu!

Niphile nina abakaMdlokombane vuka ume ngentaba udl’amadoda! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! ISilo uMdlokombane leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo