Incazelo ngoMbhangabhanga (uGwayi weShinga, uBhoqobhoqo)

UGwayi weShinga

Nina abaka Hlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemkhaya! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyibingelele yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kungumhla weshumi nesishiyagalombili kuNcwaca(18 Ogasti ) onyakeni ka 2023. Sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMbhangabhanga igama lawo , ubuye waziwe ngelikaBhoqobhoqo, noma wuGwayi weShinga. Lo muthi usemndeni owodwa noNtuma , uCalakalithethwa , uBuvimbo kanye neminye imithi. Abafana abalusayo emaqeleni lo muthi bakha ngawo izindukwana zokungcweka uma balulisile emaqeleni. Kunenkolelo ethi le Nduku akufanele imile ekhaya ngoba ukuba khona kwayo ekhaya  kululaza ikhaya, kulenza ledeleleke.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku yinhle kabi kuMeqo, uma uhlushwa izinyawo ezidumbileyo ngenxa yoMeqo thatha amacembe nezimpande zale Nduku okuqhathe nesithombo sonke  sikaMakhanda ka Nsele kanye neCishamlilo , ukubilise ebese uthoba izinyawo zakho ezidumbile. Izimpande zale Nduku kanye namacembe kuyangena ezinsini zoMeqo.Izimpande kanye namacembe ale Nduku kuyangena eNdukwini egeza izintwala zeNgulube, kuyangena futhi naseNdukwini yokugeza isichitho sokungathendeki. Izinhlamvu zale Nduku ziyangena emthini wokuhlanganisa oMame abagane esithenjini, umuthi owenza oMame bahlale ngokuthulwa kungabikho ukukwebhana. Izimpande zale Nduku ziyangena ezimbizeni zoMvusankunzi kanye nezenzalo yoBaba. Lo muthi uyagquma , uyageza uyaphalaza. Izimpande zawo ziyangena eNdukwini ephalazela ukususa ibhadi.

Niphile nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo