Nina abeNzima ewukwena koMkhumbane , khona kwena kungafakwa lunyawo! UMlungu ongaphesheya koMfula ,omunye ungasheya kukaMpehlela noMaqhwakaza! USingquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya! #ISilo uDingane leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabili nesishiyagalolunye kuNtulikazi (29 Julayi) -usuphelile njalo unyaka nina beSilo. Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu, cha , thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonga iyintelezi enkulu eyenza izinto eziningi, igama layo kuthiwa yiNkomankoma, idume ngelaMajaji nhgenxa yokuthi yinhle kakhulu kwezamacala, kubuye kuthiwe yiShabele. Ka se Tswana bare ke Legogoana. Ka se Sotho ke Lehorometso. NgesiLungu ibizwa nge Hard fern , amaFern izihlahla okukholelwa okukholelwa ukuthi zimandla kakhulu ekuvikeleni kubathakathi, umhlaba wonke jikelele.NeSigqiki soMkhovu sikulowo Mndeni. Kuningi okwenziwa ngale Nduku nina beSilo.Le Nduku iyangena kwezamacala , iyangena futhi kwezoPhunyuka ngenxa yokuthi imila phakathi kwamatshe , idlula beyivale , iwuPhunyuka kwayona. OSosayensi bayibiza nge Pellaea calomelanos. Inzima kakhulu le Nduku nina beSilo, uma uyigiyise kahle nontanga bayo.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo lena yintelezi enkulu ethakwa ezindaweni eziningi. AbeLaphi beNdabuko bayithaka kakhulu kwezamacala. Kwezabantu abahamba izinkantolo, abantu abanacala emsebenzini phcelezi HEARING. Le Nduku ingakwenzela izimanga iyodwa nje vo , uyifake esicathulweni uma uya enkantolo, iyanyatheleka iMantshi ingingize , ugcine uwudlile umhlanganiso emini izwe libuka. Amasoka ayayifaka ngaphansi kolimi njengoMlomnandi uma ezoyokhuluma nentombi enolaka,ithamba ibe wuTamatisi intombi. Kule Nduku kusebenza impande. Le Nduku yinhle nakwezokucupha umthakathi.INkomankoma imandla iyodwa vo, iyakwazi ukulwa nomthakathi kuchelwe ngayo igceke , iyodwa vo. Imandla futhi kakhulu uma uSokhaya evuke ebusuku kwesikaBhadakazi sezilele zonke izingane, wakhumula wasala ngesudu yesele , wabe esethatha lawo manzi abekade egeza ngawo wachela ngawo egcekeni esafake yona isudu yeSele. Uma kuke kwaqhamuka umthakathi emveni kwalokho , bayovuka bembona ekuseni ehla enyuka nebala engasayiboni intuba angene ngayo. Le Nduku isetshenziswa yizo zonke izizwe lapha eAfrika, ngikhuluma ngamaZulu, amaNdawo , amaShona , amaVenda , amaSwayili njalo njalo.AMajaji noma iNkomankoma yiNduku yemilingo, iyangena nakwezoqina , umuntu oqiniswe ngale Nduku izitha azimboni nhlobo. Uma ethunyelwe ngezinkabi ngeke ziwubone umuzi wakhe , ziyokweduka, noma zibone iDamu elikhulu kulowo muzi, noma zibone into ezozethusa- zingenwe yitwetwe zibaleke zingawenzanga umsebenzi. Le Nduku yinhle nasekuvikeleni ingane encane kubathakathi. Le Nduku iyathakwa kwezokuthwebula umuntu noma isithunzi sakhe.Noma isithunzi nje sesilwane thizeni. Le Nduku iyathakwa kweziningi izintelezi. Iyangana nakwezokhafula izitha, ezokucupha isithandwa , ezokucupha umthakathi njalo njalo. Kanti nasekwelapheni yinhle. Amakhasi ayo omile awuMbhemiso omuhle wekhanda , ikakhulukazi ikhanda lobuthakathi. Amakhasi ayo asemanzi aye abiliswe enziwe iSiphungo sesifuba somoya. AMajaji mahle nakumadliso , kuye kubilise iSithombo sawo senziwe iSiphungo sokubulala idliso .IMpuphu yempande yaleNduku iye inanyekwe emanxebeni okusha, yinhle kakhulu kwezamanxeba nezilonda. Impande yeNkomankoma iye ibiliswe ibe yiSiphungo sama-Ulcer. ISithombo sonke sale Nduku siye sibiliswe sibe yiSiphungo sokukhipha izilo, kubuye kuchathwe ngaso , kuchathelwe zona izilo.Lesi Siphungo sihle nakumadliso. Impande yaMajaji iye ithakwe noMduze kubiliswe bese kuphuziswa inkomo eyiSigqala ukuze yehlise ubusi ibe uNondlini uma isengwa. AMajaji mahle naseBholeni , kuye kugezwe abadlali ngeMPANDE yale Nduku ngaphambi kokub akuqale umdlalo , noma kuchelwe nje ezintini zeziMbangi . Lokho kufuneka ukwenze ukhuluma usho ukuthi ufuna kungene amagoli amangaki, kufuneka futhi uqinisekise ukuthi awubonwa muntu. Noma kanjani uma uchele kahle niyowudla umhlanganiso, aMajaji ayobonisa uNozinti inqqwaba yamaBhola kanti lilodwa vo, iNduku yemilingo le. AMajaji ayangena emithini yeSithunzi, aye athakwe noMathunzentaba, uMhlonishwa kanye neminye imithi , bese kuphalaza umuntu ofuna iSithunzi nokuhlonishwa. Le Nduku iyangena nakwezocupha izithandwa, ungachupha indoda , ungacupha nomfazi. Kuningi okwenziwa ngale Nduku , ngingabala kushone ilanga.
Khumu!!
Niphile nina beLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha, iNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.
