Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo , utshani bude buzokugibanisa! Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana , abasezitheni nabasemakhaya! UNdaba omuhle kakhulu , uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi , kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! #ISilo uShaka leso! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi, ngethemba isaphila iNgabade. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Lo muthi eniwubonayo kuthiwa uManzamnyama igama lawo , ubuye waziwe ngoMantingwe, noma ngeNtingwe, noma ngoNtingo , ubuye waziwe futhi ngeHlabu. Lo muthi nina beSilo usemndenini owodwa nemithi efana noGobho, uVendle kanye neminye. OSosayensi bawubizwa nge Anemone fanninii . NgesiNgisi ubizwa Giant Wild Anemone. AmaBhunu awubiza ngeGroot Anemoon. Nina beSilo lo muthi wenza imisebenzi eminingi, kuhlanganisa nowokwakha “aManzamnyama” . Abathakathi bayawuthaka lo muthi emithini yabo yokuphehla aManzamnyama. Kanti futhi lo muthi uyangena futhi emithini egeza “aManzamnyama”. Sengachaza kakhulu ngaManzamnyama. Kule Nduku uMantingwe noma uManzamnyama kuye kusebenze isigaxa sawo esinoboya . Siqgilaza kakhulu lesi sigaxa uma sesihlangene nomngane waso uQeduhlobo.
Yini aManzamnyama?
Nina beSilo umuthi uMantingwe awusali uma kugezwa “aManzamnyama” . AManzamnyama kusuke kuyisimo lapho omunye wamalungu omndeni ephehle umndeni ngaManzamnyama ebusuku kwesikaBhadakazi, wenza kuganga , waphendula neDlozi. Lokho kuye kuholele ekushoneni kwamalungu omndeni osuke uphehliwe. Manje-ke ukuze leso simo siphele kuye kudingeke ukuba umndeni ulande inyanga eyogeza lowo mndeni osuke uphehliwe. Kuye kudingeke inyanga impela hhayi iMfundamakhwela. Leyo nyanga iye iqale ngokugeza wonke amalungu omndeni iwagezela ehlathini , esidulini. Lena ehlathini kusuke kugezwa ngemithi elwayo efana noMviyo , uQeduhlobo(uMuzi owawulapha wayangaphi) , yiwona uMantingwe , iMpinda kanye neminye imithi . Zimbili iziwombe zokugeza aManzamanyama. Kukhona isiwombe sokuqala kanye nesiwombe sesibili. Isiwombe sokuqala yilesi esasehlathini. Kulesi siwombe kuyagqunywa, kuyagezwa, kuyakhothwa, kuyakhwifwa, kuyaphalazwa. Yonke imiyalelo isuke iqhamuka enyangeni esuke igeza umndeni. Isiwombe esilandelayo yisiwombe sesibili lapho sekuphikelelwa ekhaya kuyodliwa imithi emhlophe yeDlozi, leyo mithi edlelwa ekhaya. Imithi edliwa esiwombeni sesibili okungesokugcina uVumakubangoma omhlophe, iNtumbadlozi, uMadlozana , iNhlanhlemhlophe kanye neminye imithi yeDlozi. Uma yonke le mithi idleke kahle kuye kubonakale ngokunqamuka kokushona kwamalungu omndeni, nangokufa kwalowo obekade ephehla umndeni. UMantingwe ubamba elikhulu iqhaza ekugezeni “aManzamnyama” . Kuyileso sizathu uMantingwe ubizwa ngo”Manzamnyama”.
Eminye imisebenzi ka Mantingwe?
Le Nduku uMantingwe iyisimanga, iyamangaza ngoba ibuye ingene kwezeNhlanhla. Iyangena futhi nakwezokwakha isithunzi , iyangena futhi nakwezokudonsa uMnotho. Le Nduku uMantingwe nina beSilo iyisimanga ngoba iyakwazi ukuthatha izinhlanhla zabanye izidonsele kulowo osuke eyisebenzisa, yingakho nje nabathakathi bephendula ngayo iDlozi . Umuntu odle le Nduku kugqama yena kuyo yonke indawo , kuvele kugqame yena nasemsebenzini abeLungu bamethwale ngeQoma. Nezintombi kanye nabafazi babantu bavele bamthande nje umuntu osebenzisa uMantingwe. Lena yiNduku ethobelayo , iyangena ezikhafulweni zokubuyisa isithandwa , iyangena futhi nakwezokufesa. Le Nduku ibuye ibe yintelezi engena emabhandeni nakuyo yonke nje imithi yokulwa. *Kanti nasekwelapheni muhle uMantingwe, isigaxa sawo siyaphekwa sibe yiSiphungo esishisa izilonda esifubeni , esiswini , esinyeni kanye nakuyo yonke ingaphakathi. Sisebenza ngendlela efanayo nesoGobho. Lesi Siphungo sibuye sibe sihle ekuhlanzeni iSibeletho sikaDade osanda kubeletha, sihle nasekukhipheni uMzanyana uma ngabe usalele. Siyefana nje nesoGobho. Amakhasi kaMantingwe ayiSiphungo neSichongco sokuchatha abantwana abancane nxa bengaphilile kahle, bekhwehlela, belunywa yizisu njalo njalo.
Khumu!
Niphile nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe yanyamalala! #ISilo uShaka leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande .
