Nina abakaMaf’avuke njengeDangabane iMpunzi evuke noMkhonto! INdlovu yakoDelwase abayihlabe ngeNjongolo bayibangela amanxeba okuluphala! USongobese wamakhanda inkomo yanganene iyothengena nayiphi na eNenekazi? Iyothengana noMbangambi woVuma eMashobeni! #iSilo sabaThethwa leso iSilo uDingiswayo ka Jobe ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha , thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngeDangabane,ukhula olumila kakhulu ezindaweni ezingamaXhaphozi. Yilona kanye lolu khula okubongwa ngalo iSilo saBathethwa uma kuthiwa “UMaf’avuke njengeDangabane” . Lezo zihasho zakheka ngenkathi yesigameko sokuhlaselwa kwamadodana enkosi uJobe ka Khayi , ehlaselwa yiButho lenkosi uJobe eSigodlweni sasoYengweni. Kuthiwa kulokho kuhlaselwa maningi amadodana enkosi uJobe asala enkundleni, kuthiwa uDingiswayo yena wasinda , kuthiwa wakwazi ukweqa uthango nomkhonto unamathele ethangeni waphulukundlela wabaleka waze wabuya ngenkathi esezwile ukuthi uyise uJobe wayesekhotheme. Ingakho ebuye ehashwe ngokuthi uyiMpunzi evoke nomkhonto.Sibuyele okhuleni iDangabane . Nina beSilo lolu khula lunenkani kabi, ungaluhlakula namuhla , kodwa uma ungalususanga kuleyo ndawo ngakusasa uyoluthola selubambile ,luphinde luphile lukhule futhi. IDangabane libizwa ngeCommelina Africana ngolimi lweSayensi. NgesiNgisi kuthiwa yi Common yellow commelina. AmaBhunu alibizwa nge Geeleendagsblom. Ka se Sotho bare ke Khotsoana, kapa Tabola-lefalo. KwiDangabane kusebenza yonke into , amakhasi kanye nesigaxana sabo lobu tshani. Nina beSilo iDangabane liqhakaza imbali ephuzi , kwesinye isikhathi liqhakaza emhlophe.
Lenzani iDangabane ?
Nina beSilo lolu khula iDangabane luyadliwa, amakhasi alo ayiMfino okuthiwa inomkhulu umsoco ofana noweMbuya, abaludlayo bathi lumnandi lwehla esiphundu. Kuthiwa iMfino yeDangabane yehlisa noma ilawula ulaka lomfutho wegazi ophezulu phecelezi High Blood pressure, iHhayihhayi. Bathi le Mfino ibuye ihlele kahle ingaphakathi yomuntu , ishisa izilonda kusukela esifubeni kuya ngezansi esiswini. Yinhle kakhulu naseMfimveni kwazise vele amakhasi eDangabane abuye abiliswe enziwe iSiphungo seMfiva. Lesi Siphungo sihlakaza nenyongo uma seyande kakhulu , siyikhiphe ngokushobinga noma ngokuvakashela iNdlu encane. Bathi lesi Siphungo sihle kabi ekwehliseni uKhwantalala kanti futhi senza inhliziyo ilangazelele kakhulu ukudla phecelezi sakha iApetite. Amakhasi kanye nesigaxana seDangabane kuyangena kwezoMvusankunzi. Amakhasi eDangabane abuye abe yintelezi egeza ingane ehlushwa ukungalali kahle ebusuku, ingane elala ikhala ubusuku bonke ngenxa yomoya ababi. Amakhasi kanye nezigaxana zeDangabane kuyangena emithini ephalaza , igqume iphinde igeze umuntu owethuka izanya , uhlezi eshaywa wuvalo. Amakhasi nezimpanjana zeDangabane kuyangena ezimbizeni zezifo zocansi kanye nakwezezifo ezichamisa igazi , nakosiChenene . IDangabane liyangena nbakwezokuxosha isilwane. Liyangena futhi naseMabuthweni atghunywayo ukuyolwa. IDangabane alisali ezimbizeni eziphuzwa ngabantu ababangwa nezibi , libavusa sekuvalwe amehlo. Kwazise futhi iDangabane liletha enkulu iApetite le, lenza inhliziyo ithande ukudla.
Khumu!!
Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa ngempande.