Incazelo ngoMviyo (uMtulwa,Wild medlar)
Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo.Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye zifofa uMdlebe.USela lintongande lawoBaleka elithabathe umshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni.Ngethemba zisaphila iziNgabade.Esithombeni nina beSilo uMviyo obuye waziwe ngoMtulwa.Siyazazi izithelo zawo ezibizwa ngokuthi amaViyo noma amaTulwa ngoba ziyadliwa ekwaluseni.
Wenzani uMviyo
UMviyo muhle kakhulu ekulweni kodwa awunakiwe.Kuye kusetshenziswe izimpande kule nduku.Ziyalwa kakhulu izimpande zoMviyo.Muhle uMviyo ekugezeni aManzamnyama.Muhle uMviyo ekulweni namaphupho amabi.Muhle nakuMabutho athunywa ukuyolwa.UMviyo uyangena kwezophalaza,kwezokugquma,kwiZikhafulo,kwezokukhotha,kanye nakwezokugeza.Unamandla kakhulu ekulweni.Muhle nasemithini emhlophe yenhlanhla kwazise vele ungena njengenduku ezokulwa nakho konke okubi.Muhle uma uzowuqhatha nezinduku ezifana noQhume,uVumakubangoma omhlophe,iNhlanhlemhlophe,uVelabahleke kanye neminye imithi.Muhle nasezindukwini zamaSoka.Unamandla kakhulu uMviyo nakwezokucija uBhoko lweSisu.Unamandla impela nakuleyo ndawo.Ubuye ube yintelezi uMviyo.Uyangena kwezokuchela izinduku zoMngangela,kwezaMabhande,kwezokuqina njalo njalo.Muhle nakumaGobongo ikakhulukazi eloMndiki neloMndawe.Endulo uMviyo kwakuqiniswa ngawo impi uma izophuma iyohlasela.UMviyo ubuye uphuziswe imfuyo ukuze ikhuluphale.UMviyo ongeminye yemithi enamandla ekubulaleni amagciwane angaphakathi ushise nezilonda ezingaphakathi nezingaphandle ingakho unamandla kwezokucija uBhoko lweSisu.Impuphu yezimpande zoMviyo iye inanyekwe ezilondweni ezingaphandle kanye namanxeba.Ibulala amagciwane ayimbangela yokungapholi kwezilonda isilonda sivele some nkwe.
Khumu!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.

Ngikwethulela umnqwazi kaYise ngocedo usinika lona ngokusetshenziswa kwrzingxabo.
Vico Nkom’isengw’ilele! Siqunga esihle
Impela qhawe cha sithola ulwazi olwentulekayo nkosibisise ngesiltholayo
May you kindly tell the difference between the Wild Medlars (amaviyo/ umtulwa) There doesn’t seem to be a Xhosa word for Amatulwa. I only know Feya (Figs)and Figs (iFeya in SiXhosa) Kindly urgently respond, Please.
Ngicela incazelo ngomvusankunzi