Incazelo ngeBomvu
Nina abeNtulo ebande ngodonga kithi kwaBhekuzulu,uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.USihlangu simagqabha sinamanxeba.ISilo sakithi eNaleni leso,iSilo uMdlokombane.Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Esithombeni nina beSilo yiBomvu,lithandwa kakhulu ngoThwasa.
IBomvu
Nina beSilo iBomvu lihle kakhulu ekwelapheni izifo zesikhumba esibangelwa ubuthakathi.Liye lixovwe emanzini afudumele bese kugcotshwa ebusweni obunezinduna.Libuye libe lihle kakhulu ekwelapheni isisu esijuqayo.Liye lifakwe kancane enkomishini enamanzi ashisayo bese kuphuza umuntu ophethwe yisisu esijuqayo.Lihle kakhulu iBomvu nakwizibhobo,liziphindisela kumninizo osuke ezithumele.Alisibheki isibhobo iBomvu.Liye lithakwe nezinduku ezilwayo ezifana neSibhaha,iMpinda kweziwe induku encindwa ngeMmese,ebuyisela izibhobo kumninizo.Lihle kakhulu nasekuqedeni amathunzi amnyama,lingena kwezokugquma.Lihle nakwizichitho,nakhona lingena kwezokugquma.
Khumu!

ngicela kubuza ngesidleke sehlokohloko ukba senzani sisizaphi