Incazelo ngoMzunywa

UMzunywa.

Incazelo ngoMzunywa

Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikadadewabo uSililo.USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo.Usifuba singungu sigungubele nyakana sabhobokayo umuntu uyakuzizwa izindaba.ISilo sakithi oSuthu leso iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo.Nina beSilo ake sibheke induku ebizwa ngokuthi wuMzunywa,eteketiswa ngokuthi “wuMzunywa ozonywa zikhova”.

Wenzani uMzunywa

Kuye kusebenze impande kule nduku.Yinhle kakhulu kwiZikhafulo zamaSoka,intombi iqoma ekuseni.Iyangena futhi nakwezokuphalazela inhlanhla.Ayayithanda amaSoka le nduku.Le nduku ibuye ingene nakwezezitha,iyazihlakaza izitha.Iye iqhathwe noMhlakaza,uChithibhunga,iKhathazo kanye nezinye izinduku.Iyangena le nduku kwezokubethela umuzi.Iyangena nasentelezini echela umuzi.Iyangena kwezokucupha umthakathi.Iyangena kwezokucupha isidumbu,kwezokucupha inxeba uma umuntu eshayiwe kanti yinhle futhi nakwezokuphindisa.Yinhle kuMabutho athunywa ukuyolwa.Iyangena kwezokuqaqa izibopho zokungathola abantwana.Yinhle kakhulu le nduku nasekucupheni amasela.Yinhle nasekubuyiseni impahla entshontshiwe.

Khumu!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV”.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo