Incazelo ngoZangume (Helichrysum acutatum)
Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgomaEnhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.Le nduku esesithombeni ibizwa ngokuthi uZangume,okuchaza ukuthi ‘awu zange ume,wedlule ngisho bezama ukukuvimba’.Kwezinye izindawo ibizwa ngoMayisaka omnyma Le Nduku iyintelezi,ingena ezindaweni eziningi.OSosayensi bayibiza ngeHelichrysum acutatum.Isimila nje esejwayelekile, esimila eNdle.
Wenzani uZangume
KuleNduku kusebenza impande.Njengoba besengishilo bakwethu le nduku ingena kwezokuvula,uma kukhona into ekuvimbayo ukuba ubone impumelelo yakho . Gquma ngayo le Nduku,ugeze uphinde uphalaze ngayo .Iyakwazi ukubhula ihawu iyodwa le ndawo ikakhulukazi ekugqumeni nasekugezeni.Ekuphalazeni iye igiye nezinduku ezifana noMaguqu,iNgwavuma kanye nezinye.Le nduku inhle nasemacaleni,uma uyisebenzise kahle wayithaka noMlomomnandi,oNtuma,oMpunyu,umhlanganiso uwudla emini izwe libuka. Inhle nasemaPhoyiseni,udlula kalula kuwo,uphatha impande yawo emotweni.Isebenza njengeNtuma.Lo muthi uqaqa amafindo,uma usola ukuthi uboshiwe,uboshwe abathakathi,sebenzisa uZangume ziyoqaqeka izinto.Uma uneShibhi elingekho emthethweni chela igceke akukho Phoyisa eliyongena.Le nduku ivula izindlela,iletha ugazi nenhlanhla, iyangena vele nasemithini yeNhlanhla yokuphalaza. okuyimithi emhlophe.Impande yaleNduku ishiswa emnyango uma liduma ukuvimbela uMphezulu.Iyangena nakwezokuchela igceke ixosha iphinde ivimbe ubuthakathi,ungachela ngayo iyodwa vo.Noma uyiphe amandla ngoyeqhatha noShaladi,uMathithibala,uMayime kanye neminye imithi.Le nduku iyangena nakuMabutho athunywa okuyokulwa,ayiyiphumi iNqina ka Mabuyaze.Iyakwazi nokuphindisa, baye bathi uma bephalaza ngayo noma begquma baphathe uMmese noma uMkhonto bamane behlaba phansi,besho konke abasuke befuna ukuthi lo muthi ukwenze esitheni.Le nduku iyangena eZikhafulweni zokulanda, intombi iyalanda ekuseni kubuka izwe.Iyangena futhi nakwezokubethela .
Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole ulwazi oluthe thuthu,ngempande.
Niphile nina bakaZulu zizayo khwezani abantwana nhgabadala bodwa abayozibalekela.
