Incazelo ngeMvu ( Sheep)

IziMvu (Sheep)

Nina abakaZiyanhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu !##iSilo uMdlokombane leso, iSilo sakithi eNaleni.  Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba basaphila . Nina beSilo ake sibheke iMvu .IMvu yisilwane esifuywa ekhaya, esaziwa ngeleSheep ngesiLungu.. Lolu hlobo lweMvu enilubonayo esithombeni lubizwa ngokuthi yi-Dorper Sheep ngesiLungu , okuwuhlobo olufuywa kakhulu lapha eAfrika eseNingizimu.

IMvu:

Nina beSilo uma umuntu ephuphe iMvu emhlophe lokho kusuke kusho enkulu inhlanhla, lowo muntu usuke ezokhanyelwa yizinto. Kuye kube kuhle kakhulu uma umuntu ephuphe ephethe izinyane elimhlophe leMvu , aze aphaphame impela esaliphethe kungazange kuqhamuke umuntu ephusheni amephuce lona. Lapho-ke akugeji. Kusuke kunento enhle ezayo kulowo muntu.  IMvu akusona isilwane esiphupheka kalula. …IMvu emnyama yona ingena kakhulu ekubetheleni izulu, iyalivimba ukuba lingagadli ekhaya . Abanye baze bashise isikhumba sayo uma kuzohloma izulu. IMvu emnyama ibuye ingene ekugezeni aManzamnyama.

***** Esigabeni sokuqala sokugeza aManzamnyama kuye  kuhlatshwe iMvu emnyama bhuqe, kuthathwe inyongo kanye nekhanda layo , bese kuphikelelwa ehlathini kanye nawo wonke amaLungu alowo mndeni (osuke uphehlelwe aManzamnyama).. Inyongo yaleyoMvu emnyama ingena emithini yokugeza aManzamnyama.Ikhanda lona lingena eNdukwini yokucupha.  Kusuke kuqhathwe imithi elwayo efana noQeduhlobo (uMuzi owawulaphala wayangaphi?), uMviyo,iMpinda , iNsindabathakathi , iNdlabaloyi, uMantingwe(uManzamnyama) kanye neminye imithi. UMantingwe umuthi wawo vele aManzamnyama , ubuye waziwe ngoManzamnyama. UQeduhlobo umuthi onzima kabi wokuphindisa. Leyo mithi yomibili uQeduhlobo noMantingwe ayisali nangephutha uma kugezwa aManzamnyama. Lapha ehlathini yonke imininingwane isuke iphethwe yiyona iNyanga , yiyona esuke itshela amaLungu omndeni ukuthi mawenze lokhu , mawakwenzi lokhu. Kuye kugezelwe esiDulini khona ehlathini . Kudliwe zona iziNduku zokulwa , kuncindwe kukhwifwe futhi. Lona umsebenzi wosuku olulodwa , akulalwa ehlathini. Uma sezidliwe -ke iziNduku kube sekuphindelwa ekhaya. IMvu esuke ihlatshiwe ayidliwa nina beSilo , iye ishiswe noma ilahlwe ehlathini . Kodwa ngokwejwayelekile ijwayele ukuhamba neNyanga esuke izogeza aManzamnyama.*****Isigaba sesibili sokugeza aManzamnyama siye senzelwe ekhaya , kuye kudliwe imithi emhlophe esingabala kuyo iNhlanhlemhlophe , uVumakubangoma omhlophe , uMadlozana, uQhume kanye neminye. Yonke imininingwane isuke iqhamuka eNyangeni esuke iqashwe uMndeni osuke uphehlwa. *****


Isikhumba seMvu emnyama noma emhlophe kuye kushunqiselwe ngaso ingane ekhala kakhulu.Phela iMvu ayikhali uma ihlatshwa , iyathula tu. Amafutha eMvu kuye kugcotshwe ngawo ingane encane uma yona noNina bezoba nohambo. Nabakhunkuli bayayithaka iMvu eNdukwini yabo yokuphendula umuntu iSimungulu (umuntu ongakwazi ukukhuluma). Bayayithaka nakwiSicupho , uma befuna umuntu aze ashone engekwazanga ukuzikhulumela. Amafutha eMvu ayangena eZibungeni zokudonsa kwiBhizinisi. Aamafutha eMvu emnyama ayangena kwezamacala , enza uMmangali ehluleke ukukhuluma eNkantolo abindeke akhulume into engazwakali.

Khumu!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “@kholokhumalotv”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo