Incazelo ngoVikinduku

uVikinduku

Nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! UGawu bazawuliluma bazowuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. ……..Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uVikinduku igama layo. Le Nduku icishe ifane namaJaji kodwa ayiyona amaJaji . Kule Nduku kuye kusetshenziswe sonke isithombo.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu kwezokuvika izitha. Yinhle futhi nakwezokuvika abakwaSidlodlo. Iye ithakwe nezinye iziNduku esingabala kuzo iNtuma, iDlula, uMayime kanye nezinye. Isithombo sonke sale Nduku siyangena eMibhemisweni yekhanda elinkenkethayo. Le Nduku yinhle nasezilondeni ezivuza amanzi ezigolozayo ukuphola. Kuye kugxotshwe sonke isithombo bese siyashiswa sibe yinsizi emnyama eyonanyekwa kulezo zilonda , noma amanxeba . Le Nduku iyangena naseziMbizeni zokucija uBhoko lweSisu, yinhle futhi nakwezenzalo. Le Nduku iyagquma , iyageza kanti iyangena nasezinsizini.

Khumu!!


Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “@kholokhunalotv”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo