Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalila emanxiweni! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye zofa uMdlebe! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba basaphila. *Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa iSifumbathi igama layo , ngesiLungu ibizwa ngokuthi iRose of Jericho. Ibuye ibizwe ngokuthi i-“Resurrection plant” ngenxa yamandla enawo. Amandla ayo afana nawoMvuthuza kanye nawoMdolofiya, uma kuwe icembe phansi liyahluma libe isihlahla. Ngisho uma sesomile lesi sihlahla uma usifaka eThinini uthele namanzi siyavuka qinqqo siphile sihlume amacembe abe luhlaza cwe .
Yenzani-ke le Nduku?
Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu kwezokudonsa umnotho . Iyangena eZigqabeni zemali kanye naseZibungeni zeBhizinisi. Ngenxa yamandla ayo okuvuka kwabafile le Nduku iyangena kwezokuvusa, ikakhulukazi kwezokuvusa iBhizinisi eselefile. Iyangena le Nduku ezinsizini zabantu asebebangwa nezibi.
** Wena othi imali ayihlali esandleni ake uthathe le Nduku uyishise ibe insizi emnyama bhuqe ,bese ucela umngane wakho ayigcabele esandleni ngoba uma ungazama ukuzigcaba wena ngokwakho ungagcina ushaye umthambo kugcine kudaleke omkhulu umonakalo. *Kuhle uma igcatshelwe phezu kweminwe ngoba ayikho imithambo kuleyo ndawo. Uzowubona nawe umehluko uma usuyifakile egazini, angisakhulumi-ke uma uyeqhathe namufutha eNhloli. Le Nduku iyadayisa emaNursery kuthiwa iRose of Jericho ngesiLungu njengoba besengishilo. INduku lena esetshenziswa kakhulu izinsizwa zaseNyakatho. *Le Nduku yinhle nasekwelapheni iSilumo , noma ekudambiseni izinhlungu zeFindo . Kuye kubiliswe amakhasi ayo kanye nezingxabu zayo kwenziwe iSiphungo esiphungwa uMame okhathazwa yiSilumo . Inamandla kakhulu le Nduku kuleyo ndawo kangangokuthi iyakwazi ukugiya iyoodwa vo, ingelekelwa Nduku. ISiphungo sale Nduku sihle kakhulu nasekwehliseni uShukela kanye neNhlungwane(acid) emzimbeni womuntu. Le Nduku iyatshalwa nasekhaya itshalelwe khona ukudonsa umnotho, namamhlophe bayayitshala futhi bayikhonze kakhulu.
Khumu !
Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”