Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! UMagwaza ayiqhume ayise eKhakonina kwaSothondose! UNgalo zimqingo ngoba ziyakwazi ukuphatha isibhamu zinjengazabeSuthu bakoFebane! UMudli eNguyazane eyedwa kwaNolele! #Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo ngethemba basaphila.
UMuzikawushi \iSiphemba
Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi yiSiphemba igama layo, idume kakhulu ngelikaMuzikawushi ngoba uma itshalwe ekhaya lelo khaya kalishaywa uMphezulu , futhi iyalivikela uma abathakathi belithumela ngoVutha. Nina beSilo ingxabu zale Nduku yinhle nakwezokubethela ikhaya . Ibuye ibe yinhle nakwezokuqinisa umuntu . Iyangena futhi nakwezokugomela isibhamu. Nina beSilo impande yale Nduku yinhle nakwezokuphindisa . Iyangena impande yale Nduku eNtelezini okuchela ngayo ikhaya, iphuphisa zonke izigadlo zabathakathi. Ixoshe nayo yonke imimoya emibi . Yinhle nasekuxosheni izikhova. Nina beSilo impande yale Nduku yinhle kuMabutho athunywa ukuyolwa. Isithombo sale Nduku siye sonyiswe bese kwenziwa impuphu eshiselwa oDengezini kuhogele umuntu okhathazwa ukumongoza. Izimpande zale Nduku ziye zonyiswe bese ziyagaywa ,zibhenyelwe ukudambisa amandla esifuba somoya phecelezi Asthma. Ziye zisetshenziswe njengamacembe eLoyi.
Khumu !!
Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”