Incazelo ngoMbokwane   ( Electric eel )

Incazelo ngoMbokwane  (Electric eel)

Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayiwa ukulila.UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade.Ngethemba nisaphila nina beSilo,cha,sisaphila thina eMantungweni.Nina beSilo lolu hlobo lwenhlanzi enilubonayo lubizwa ngoMbokwane noma uMokhane ngesiZulu.NgesiNgisi lubizwa ngeElectric eel.UMbokwane kuthiwa unamandla kagesi angalinganiselwa kuma 500 kuya ku 650 V okungamandla angacisha alingane namandla amaBattery eRemote Control.Lo Fishi bayawudla abantu kodwa kuthiwa kuyingozi ukuwudla ngenxa yamathanjana awo amaningi.Lolu hlobo lwenhlanzi luyatholakala nakhona lapha kweleNgabade.

Yenzani le Nhlanzi

Nina beSilo le nhlanzi ingena kakhulu kwezoPhunyukabemphethe.Kungena insila yayo le nhlanzi.Iye inanjwe  le nhlanzi,bese kuthathwa insila yayo bese yona inhlanzi idedelwa iziphindelele amanzini.Ayisebenzi insila yoMbokwane osufile kwezoPhunyuka.Insila yoMbokwane iye ithakwe nezinye izinduku ezifana noPhunyukabemphethe iNtuma kanye nezinye,bese kukhandwa insizi yoPhunyuka.Insizi edliwa ngabantu abavika amaPhoyisa,amacala eziNkantolo kanye ne iZitha.Isikhumba sayo le nhlanzi siye sonyiswe bese singena ezithakweni zeBhande lokulwa.Le nhlanzi inhle kakhulu kwezoPhunyuka.Amafutha oMbokwane kanye namafinyela kuhle ekucheleni izikhali uma ungumuntu woMgangela.ISisila sale nhlanzi,amafutha kanye namathambo oMgogodla kungena kwiSibambelelo esisemthethweni esidliwa ngabantu ngemuva kokugcagca.Ikhanda,amaphikwana ale Nhlanzi kanye namafinyela kungena kwezokulwa,eMabhandeni okulwa.Isikhumba sale nhlanzi kanye neNsila yayo kuhle ekwelapheni uMame oboshiwe ukuba angakwazi ukubeletha osekhulelwe kwaze kwedlula isikhathi.Kuqaqa wonke amafindo aboshiwe,iwathukulule.Kuningi okwenziwa yile nhlanzi,yona ingena kakhulu kwezoPhunyuka.

Khumu.

Niphile nina bakaMgengi pheza izitha kuseHlobo utshani bude buzokugabanisa.Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo