Incazelo ngoMmemezi omhlophe.

UMmemezi omhlophe..

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangaene ezinye ziyokufa uMdlebe! INdudumo yakithi eMgungundlovu! #UVezi lowo! ISilo sakithi eMgungundlovu , iSilo uDingane! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni..

UMmemezi omhlophe .

 

Nina beSilo leli xolo enilibona esithombeni eloMmemezi omlophe . Zimbili izinhlobo zeMmemezi futhi zombili zinhle kabi kwiZikhafulo. Kukhona uMmemezi omhlophe kanye nobomvu. UMmemezi akuwona uMjacaranda nina beSilo, uMmemezi wande ngapha koNgome kwelaMantungwa, abantu bawuxebula khona. Abantu sebawuxebula kakhulu kangangokuthi sewaze waqashwa ngamaPhoyisa . Muhle kakhulu uMmemezi ikakhulukazi lona oMhlophe, obomvu sizobuye sixoxe ngawo ngelinye ilanga. *UMmemezi omhlophe muhle kakhulu eMagobongweni, muhle ekusondezeni iDlozi , muhle ekugezeni iDlozi ebekade liphenduliwe, uyathakwa naseNdukwini emhlophe edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Lona umuthi ongasali uma aBadlibemithi bedla imithi yeDlozi noma eyeNhlanhla, uyaphalaza , uyageza , uyagquma, uyakhafula. Kanti namaSoka nawo awuthwele ngeQoma , ayawuthaka eNdukwini yawo emhlophe yokuphalaza , iNduku ethakwe imithi efana noFoshela , uMusa , uVumakubangoma omhlophe , uMtholo kanye neminye imithi. AmaSoka abuye awuthake naseZikhafulweni amemeze ngawo intombi. Muhle kabi kwiZikhafulo lo muthi . Udonsa kahle kakhulu, uyangena nakwezokufuna umsebenzi. Uyangena nakwezamaBhizinisi . Umuthi omuhle lona. Awusali kwezeNhlanhla. Umuthi lona ovamise okweqhathwa nabangane bawo oMwelela, Mzaneno kanye nezinye. Kusebenza ixolo kule Nduku. Kanti futhi libuye libe lihle kakhulu ekugezeni isikhumba . ODade baye baligaye balenze impuphu abayixuba neBomvu bagcobe isikhuma .Noma( leyo mpuphu )bayithi chatha kwizigcobo abagcoba ngazo. Le Mpuphu ilungisa isikhumba isenze sibe sihle futhi sithambe kushe nezinduna nezinsumpa. Nina beSilo uMmemezi akuwona uMjacaranda , kungenzeka mhlawumbe abantu sebavala isikhala soMmemezi ngawo uMjacaranda ngoba phela akusekho lula manje ukuwuxebula laphayana eNgome. Uyatholakala uMmemezi wangempela eFaradeyi, bawulanda eMona.


Khumu!

Nina nina bakaVezi uNonyanda ! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande…

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo