Incazelo ngoNkungwini

Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!#ILembe lelo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu , cha , thina sisaphila kwaKhumalo. Nina beSILO le Nduku eniyibonayo kuthiwa uNkungwini igama layo , ibuye yazizwe ngoMnyamawempunzi kwezinye izindawo. Anginaso isithombe sesihlahla kanye negama lokwebolekwa , kodwa isigaxa sayo le Nduku uma usibuka sithi asifane nesikaMpikayiboni , simnyama naso. Kanti futhi lezi ziNduku zombili zivamise ukuqhathwa ndawonye. Yintelezi enkulu lena nina beSilo , egila izimanga.

Wenzani uNkungwini?

 


Nina beSilo uNkungwini yintelezi enzima engena ezindaweni eziningi. Iyangena kwezokubethela umuzi , isitha umuzi , yenza izitha noma abathakathi bangawuboni umuzi , babone iDamu , noma iNkungu, noma ihlathi , noma babone noma yini nje esamlingo. Iyangena le ntelezi nakwezezitha, umuntu osetshenzwe ngoNkungweni izinkabi zivele zibone imilingo uma zithunywe ukuyombulala, zingabona iDamu , iKati , ihlathi njalo njalo. Ziphuma inqina kaMabuyaze lana, alufakwa. Yintelezi yemilingo lena . NaseNdukwini muhle kakhulu uNkungwini, imbangi ivele ibone abantu sebebaningi, noma ivele ibone inkungu. UNkungwini kuthiwa wawungasali eNdulo uma kwakuchelwa iMpi. Kuthiwa kusukela eNdulo wawugiya kakhulu noMpikayiboni, kanye nezinye iziNduku nokho. Le ntelezi iyangena nakwezoPhunyuka ,amaPhoyisa awacoshi lutho lana, iye iqhathwe kakhulu noNtuma , iSibhaha kanye nezinye. UNkungwini uyangena ezigqabeni. Uyangena kwezamacala, uyagquma , uyageza  uphinde uphalaze ngomuntu ozoya ecaleni , ayobhekana neMansthi ,yiNduna , yiNkosi njalo njalo . Uyangena uNkungwini kwezokugomela isibhamu. Uyangena uNkungwini kwezokuchela igceke. Uyangena uNkungwini emithini yokunqoba umdlalo webhola. Yintelezi yemilingo lena. UNkungwini uyangena kwezophalazela ukuthandeka , ayawusebenzisa amaSoka. Le Nduku uNkungwini iyangena kwezokuvika izibango , uma ugeze ngayo eMpophomeni noma emanzini ahambayo uyiqhathe noMpikayiboni , uMakhana ka Nsele , uMsilinga , uMabophe kanye nezinye iziNduku. UNkungwini uyangena kwezovalo , kwezokwethuka izanya. Kuningi okwenziwa yile Nduku.

Khumu!

Niphile nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UMgengi pheza izitha kusehlobo utshani bude buzokugabanisa> Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande .

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo