Incazelo ngoMzungulu(Dalbergia obovate)

Nina abeNtonga yeThusi eyasala kwezinye iziNduku! Abakithi ngibasolilengoba inkosi yakithi kabayitshelanga izibukp, bayiweze ngeleziMvubu neleziNgwenya! IZulu elidume phezu kwaMaqonqo amabili! Laduma lazithatha izihlangu zoMbelebele! #ISilo uMpande leso! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wesibili kuNtulikazi onyakeni ka 2023(2 Julayi) . Ngethemba basaphila abeSilo kuzo zonke izindawo lapho bekhona. Cha , thina sisaphila kwaKhumalo. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMzungulu,yiyona kanye le Nduku okuthakazelwa ngayo abantu baseMasomini uma kuthiwa “nina enehla ngoMzungulu wasala wabola” . Le Nduku nina beSilo ibuye ivele ezibongweni zenkosi uBheje ka Magawozi yabakwaKhumalo uma kuthiwa “Wena owehla ngoMzungulu owomile abanye behla ngeziLulu”.. Kuthiwa lo muthi endulo kwakwakhiwa ngawo amaQhugwana, kuthiwa wawukhipha ezinile izintingo.Izintingo zoMzungulu nina beSIlo bathi zigobeka kalula futhi zibopha kalula uma sezomile. Kukhona neSaga esithi “UMzungulu ubopha womile”okuchaza ukuthi “ungamedeleli umuntu ngoba umbona emncane ngokwakheka, uzokumangaza akwehlule akuxoshe ngeQupha. Le ncazelo icishe ifane neyeSaga esithi ayihlabi ngakumisa.  UMzungulu nina beSilo ukhula ubophe ezinye izihlahla, noma ngithi uthandele ezinye izihlahla. Ukhulisa okoMhluhluwe. Kahle -hle le mithi yomibili uMhluhluwe isemndenini owodwa futhi iyasebenzisana ezithakweni zeziNduku. Abanye baze bathi uMhluhluwe ungumfowabo woMzungulu. UMhluhluwe nawo ukhula ubophe ezinye izihlahla kanti nawo kwwenziwa ngawo izintingo, umahluko nje wukuthi uMhluhluwe unameva ahlaba kabuhlungu. NgesiSayensi uMzungulu ubizwa ngeDalbergia obovate , kante uMhluhluwe wona ubizwa ngeDalbergia armata. UMzungulu ubizwa ngeClimbing Flat Bean ngesiNgisi, ubuye ubizwe ngeMonkey Rope,miningi -ke imithi ebizwa ngeMonkey Rope , nePhophoma nalo libizwa ngalelo gama. NgesiBhunu ubizwa nge Bobbejaankoudoring. NgesiZulu ubuye ubizwe ngoZungu, noma ngoMphandlazi, noma ngoPhandlazi.

Wenzani uMzungulu?

Nina beSilo le Nduku uMzungulu ingena kakhulu entelezini yokucupha ikhaya, iye iqhathwe kakhulu noMfowabo uMhluhluwe, uGebeleweni kanye nezinye iziNduku.UMzungulu ubuye ungene kwezokuchela igceke.  Izintambo noma izinduku zawo zisetshenziswa ngabeSimame ukubopha amadoda abo ukuba anganyakazi , bawabophe impela ukuba bangayi kwabanye oMame.Ngingasho nje ngithi ungena kwezeNtando neSibambelelo. Izinduku zoMzungulu zithandwa ngaMasayoni, akha ngazo izikhali zokuletha abantu esontweni. Izimpande zoMzungulu zingena ezimbizeni zokukhulelisa noma zokukhuleliswa. Izimpande zoMzungulu ziyangena ezimbizeni zoMzimba omubi, ezimbiza zabantu abahlushwa izinduna, izilonda ,amathumba kanye nokunye. AmaXolo oMzungulu noma izimpande zoMzungulu kuye konyiswe , bese kuyagaywa kube yiMpuphu enanyekenywa emanxebeni , ezilondeni ezibhubhayo , amathumbeni njalo njalo. AmaXolo oMzunngulu aye abiliswe kwenziwe iSiphungo esiphungwa umuntu ohlushwa yisisu esikhipha igazi. UMzungulu noMhluhluwe kubuye kungene naseMabuthweni athunywa ukuyolwa.


Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngezimpande.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo