Incazelo ngeLabatheka(African Potatoe)

 

 

Nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. Nina beSilo lo muthi eniwubona ngakwesokunxele kuthiwa yiLabatheka igama lawo . Lona ongakwesokudla yiNkomfe. ILabatheka neNkomfe imithi emibili eyehlukene nina beSilo . Kodwa izigaxa zayo zithi azifane  . Isigaxa seLabatheka sigabe ngoboya obuningi kanti futhi uma usisika siphuzi ngokugqunqayo kanti eseNkomfe sona siPhuzi nje ngokwejwayelekile. INkomfe sizobuye sixoxe ngayo ngelinye iLanga kodwa yona ingena kakhulu kwezoMame nezingane. Kepha ikhona imisebenzi eyenziwa yiNkomfe kanti ibuye yenziwe nayiLabatheka , njengakwezamaphupho amabi kanye nezithinta inhliziyo.

Lenzani iLabatheka?

Nina beSilo iLabatheka nina beSilo lingena ezindaweni eziningi ngisho nasezintelezini imbala. Abantu abaningi bagadla ngalo abathakathi , balihlaba ngeziNalithi bagile imigilingwana bakhulume amazwi athile bewabhekise kubona abathakathi . Balisebenzisa lilodwa vo , neziNalithi ezintsha. ILabatheka lihle kakhulu ekuqandeni amaphupho amabi kanye nokwethuka izanya , novalo . Lihle ngasekunikezeni igazi amandla, liyangena kwezokuvuselela imithambo yegazi , kwezenzalo nakwezoMvusankunzi. Kusebenza isigaxa , siyaphekwa siphuzwe siphalaze siphide sichathe. Siye sithakwe neminye imithi nokho. Liyaphuzwa lilodwa ukuvuselela amandla amasosha omzimba. Lihle kakhulu kubantu abanoShukela noma iHhayihhayi. Umuthi omuhle lona nina beSilo ongenayo inkinga , uyangena esiswini kungabindabazalutho . ILabatheka liyangena kwezomzimba omubi , othandwa ngamathumba nezinduna. Liyangena kwezokubulala amadliso. Kanti libuye lingene nasezintelezini, liyangena kwezokuxosha isilwane. Liyangena kwezokuchela ikhaya lixoshe imimoya emini. Lihle kakhulu kwezokuphindisa , lithakwa nabo oMpindamshaye kanye nezinye iziNduku. Liyalwa iLabatheka , liyangena eMabuthweni athunywa ukuyolwa kanye nokuyolanda. Liyangena kwezaMabekelo . ILabatheka liyaphuzwa , liyachela liyagquma liyageza, liyangena nasezinsizini , ezikhafulweni njalo njalo. Le mithi yomibili , iLabatheka neNkomfe , ithandwa iziNgulube , ezifuywa ekhaya kanye neziNtibane.

Khumu!!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande

ILabatheka neNkomfe

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo