Incazelo ngeGcukuma (Ikhambi lamabulawo,uMgongozi, Carpobrotus eduils)

 

Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! USela lintongande lawoBalaka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungu mhla wesibili kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu, cha thina sisaphila eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiGcukuma ngesiXhosa , ngesiZulu ubizwa ngoMgongozi ,noma ngeKhambi lamabulawo. NgesiBhunu ubizwa ngeHottentotsvy, noma ngeVyerank, noma Suurvy.  NgesiSayensi ubizwa ngeCarpobrotus edulis. NgesiNgisi ubizwa ngeCape fig, noma Sour fig. IGcukuma lithandwa kakhulu ngabaMhlophe , bayalitshala emakhaya abo, bahlobise ngalo njengeDlebe leNdlovu .

Lenzani iGcukuma?

IGcukuma lingumuthi omkhulu wamaBulawo , lingena kakhulu ezinsizini zamaBulawo. Kusebenza impande kulo muthi . Impande yeGcukuma ibuye ibiliswe ibe yiSiphungo sokwelapha nokushisa izilonda emaphashini nasezibindi kanye nakuyo yonke ingaphakathi yomuntu. Lesi Siphungo sibuye sibe sihle kakhulu emzimbeni omubi, kumuntu okhathazwa amathumba nezinduna.  Kanti umhluzi wamakhasi eGcukuma uvikela abantu ukuba bengalunywa izibawu , omiyane , izintwala , izimbungulu njalo njalo . Ayagcotshwa agxotshwe bese  kuphululwa ngawo umzimba ikakhulu izingalo ukuvikela ukulunywa omiyane nokunye . ISiphungo sempande yeGcukuma yinhle kakhulu ekwelapheni aMadlala phecelezi sore throat .


Khumu!!

Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa KwaZulu! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi.

IGcukuma

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo