Incazelo ngoMathithibala (Haworthiopsis)

 

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni , uMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! USobathintele wakithi eMgungundlovu , uVezi umoya mnandi ngokunuk’inyama! uFipha luyiNdlovu enamanxeba! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke  iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kungumhla wesibili kuNhlangulana June onyakeni ka 2023 . Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eninwubona esithombeni kuthiwa uMathithibala ngesiZulu, wumuthi wokuthithibalisa izitha lona , ungena kakhulu kwezokucupha nezokubethela . Lona wumuthi owela emndeni yama-Aloe, amaCena , iziNhlaba kanye nokunye .

Wenzani uMathithibala?

Lena yiNtelezi enhle kakhulu nina beSilo , ingena ezindaweni eziningi. Umsebenzi wayo owokuthithibalisa . Le Nduku iyangena entelezini echela ikhaya exosha izinto zabakhunkuli. UMathithibala uyangena nakwezocupha ikhaya, uyangena nakwezokubethela ikhaya , uthithibalisa zonke izinto zabasokoco.  Le Nduku iyatshalwa nasekhaya, itshalelwa ethinini bese iphanyekwa endaweni ephakeme ukuvimbela  izinto zabathakathi kanye noMphezulu. UMphezulu awushayi lapho kukhona  khona le Nduku. Yinhle kakhulu nasekukhipheni idliso , iyangena futhi nasezimbizeni zenkinga yesifuba. Kuthiwa uma uyifake ngaphakathi endlini iletha umoya omuhle weOxygen owenza ukuthi abantu abangaphakathi baphefumule kahle, yinhle kubantu abanenkinga yokucinana kwesifuba phecelezi Asmtha,Ifana neSikholokotho.Le Nduku iyangena nakwezeSibambelelo , oMame bathithibalisa ngayo abaYeni babo.   Ibuye iphekwe , kuphekwa amakhasi , abe yiSiphgungo senkinga yesikhumba , yelapha izinduna , anamathumba kanye nokunye. Lesi Siphungo sihle kakhulu nasekuhlanzeni amaphaphu angcolile abangela ukungaphefumuli kahle komuntu . Muhle kakhulu uMathathibala nina beSilo amaKhansela , iziNduna , amaKhosi bawukhbonze kabi , bathithibalisa ngawo abantu ababaphethe. Uyangena uMathithibala nasentelezi echela iziNduku zokungcweka eMngangeleni. Izinyanga zaseNdulo kuthiwa  zazingawushiyi  uMathithibala emithini yokuchela iMpi uma izoyohlasela .  Le Nduku inhle kakhulu nakumuntu onezitha eziningi , iyazithithibalisa. Inhle kakhulu nakwezamacala , iyathakwa emithini egeza iphinde igqume ngomuntu ozoyobhekana neMantshi. Kuningi okwenziwa yile Nduku nina beSilo kepha ngizoma lapha okwanamuhla. Niphile nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngezingxabu .

Khumu!!

UMathithibala

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo