Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeMbube . Cha , thina sisaphila eMantungweni kungumhla wesibili kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMayime nina beQhawe , umisa izinto , necala liyema lana nina beSilo iMantshi ilihlehlise iphindelela ligcine liphelele emoyeni okwamazolo ebona ilanga. Uye uthakwe nezinye iziNduku nokho. UMayime ubizwa ngeClivia miniate ngeBotanical name. NgesiBhunu bawubiuza ngeBoslelie. NgesiNgisi kuthi wa yiBush lily.
Umsebenzi ka Mayime.
Nina beMbube lena yintelezi enhle kakhulu etshalwa nasekhaya ivikele ikhaya emimoyeni emibi. Le ntelezi ayizwani nelanga , ngakho-ke uma uyitshala ekhaya kufuneka uyitshale ngaphgansi kwesihlahla esikhulu. UMayime umisa izinto zabathakathi , umisa amacala , izichitho kanye nokunye. Le Nduku iyangena entelezini echela ikhaya , ixosha imimoya emibi. Le Nduku iyangena nakwezocupha ikhaya . Iyangena futhi naseNdukwini yokukhipha isilwane . Iyasikhipha isilwane iyosiphosa eweni singaphinde sibuye. Yinhle kakhulu nakwezezitha , ihlakaza zonke izinhlelo zezitha.Ifana noMhlakaza. Le Nduku iyangena nakwezoPhunyuka, ezabaphuli bomthetho. Yinhle kakhulu nakwezamacala , iye ithakwe neminye imithi efana noNtuma igeze iphinde igqume umuntu ozoyobhekana neMantshi. Iyalimisa icala lihlehliswe lize ligcine liphelile. Impande kaMayime yinhle ekwelapheni umuntu ushaywe yinyoka ikakhulu kwinhlungu yeBululu. Iye iphuzwe yilowo muntu njengeSiphungo kuphindwe kunanyekwe nensizi yayo emnyama enxebeni . Le mpande vele yinhle nakuwo wonke amanxeba , kusebenza yona insizi yempande , inanyekwa kuzo zonke izinhlobo zamanxeba nezilonda , ikakhulukazi ezibhibhayo futhi ezihamba nobukhunkuli. Impande ka Mayime iyangena nasensizini yokucupha imvukuzane enyameni noma emzimbeni womuntu . UMayime uyangena nakwezogeza izichitho . Uyagquma uphinde ugeze. Kanti ikhasi likaMayime elomile uma lishiswa lishunqiswa ekhaya lixosha yonke imimoya emibi. Lihle kakhulu enganeni elala ikhala ubusuku bonke. Lifana neSiqunga. Kuningi okwenziwa uMayime nina beSilo . ISiphungo sikaMayime sihle kumuntu wesiMame osanda kubeletha.
Niphile nina bakCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana . Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ..